Mayiphenywe ngokubandlulula kwayo iSPCA
MHLELI: Ngicela ungivumele ngiphawule ngenhlangano ebhekelele izilwane ezweni lethu iSPCA.
Kungiphatha kabi uma ngibuka indlela esebenza ngayo ngibona isafana nje naleyo eyayisebenza ngayo ngesikhathi sobandlululo.
Kayinandaba nomuntu omnyama kodwa inendaba nezilwane. Ngiyakhumbula ukuthi kuqala ngesikhathi sobandlululo kwakuthi uma sisahamba emajalidini sifuna amatoho, kuvele kuqhamuke iBhunu lidedele izinja zisilume kungabi ndaba zalutho.
Sekuneziwombe lapho iSPCA igxambukela khona, njengokuthi nje kube nezingane ezinukubeze izilwane ngokocansi bahambe abeSPCA bayovula icala emaphoyiseni ngoba bethi isilwane kasikwazi ukukhuluma bona bazosimela futhi bafuna abagile umkhuba kusona baboshwe.
Nami ngiyavuma ukuthi akuvumelekile ukunukubeza isilwane ngokocansi ngisho noma yingayiphi-ke indlela.
Sekube neziwombe eziningana impela amaBhunu edubula izinja zabantu abamnyama ngoba zingene epulazini lomlungu, bese ezidubula kungabi ndaba zalutho.
Sekukaningi sibona imfuyo yabantu abamnyama idliswa ushevu ngamaBhunu, kodwa kangikaze ngizwe nakanye kuthiwa iSPCA iyangenelela kulokho, ivulele lawo maBhunu amacala.
Into efike ingicike kakhulu wukuthi sisadlala amaBhunu nakuba kusaphethe uhulumeni wethu omnyama.
Ningizwe kahle, angisho ukuthi amaBhunu mawahlukunyezwe kodwa kufanele ayizwe ingcindezi yokuthi sekuphethe uhulumeni wethu manje.
Uma iBhunu liphule umthetho kuye kuthiwe makuxoxiswane nalo, kodwa uma kungumuntu omnyama, uvele aboshwe, akukhulunywa izinto eziningi.
Le SPCA mayiphenywe ukuthi ngabe ivikela izilwane ezihlukunyezwa ngabamnyama kuphela yini, kungenjalo abaphathi bayo mabamiswe kungene abanye abangezukusebenzisa amandla abo ukulwa impi yobandlululo kule lizwe lethu. O’Brien “Scara “Gcabashe PHOLA- MLOSHI, INANDA