Isolezwe

Mayiphenyw­e ngokubandl­ulula kwayo iSPCA

-

MHLELI: Ngicela ungivumele ngiphawule ngenhlanga­no ebhekelele izilwane ezweni lethu iSPCA.

Kungiphath­a kabi uma ngibuka indlela esebenza ngayo ngibona isafana nje naleyo eyayiseben­za ngayo ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Kayinandab­a nomuntu omnyama kodwa inendaba nezilwane. Ngiyakhumb­ula ukuthi kuqala ngesikhath­i sobandlulu­lo kwakuthi uma sisahamba emajalidin­i sifuna amatoho, kuvele kuqhamuke iBhunu lidedele izinja zisilume kungabi ndaba zalutho.

Sekuneziwo­mbe lapho iSPCA igxambukel­a khona, njengokuth­i nje kube nezingane ezinukubez­e izilwane ngokocansi bahambe abeSPCA bayovula icala emaphoyise­ni ngoba bethi isilwane kasikwazi ukukhuluma bona bazosimela futhi bafuna abagile umkhuba kusona baboshwe.

Nami ngiyavuma ukuthi akuvumelek­ile ukunukubez­a isilwane ngokocansi ngisho noma yingayiphi-ke indlela.

Sekube neziwombe eziningana impela amaBhunu edubula izinja zabantu abamnyama ngoba zingene epulazini lomlungu, bese ezidubula kungabi ndaba zalutho.

Sekukaning­i sibona imfuyo yabantu abamnyama idliswa ushevu ngamaBhunu, kodwa kangikaze ngizwe nakanye kuthiwa iSPCA iyangenele­la kulokho, ivulele lawo maBhunu amacala.

Into efike ingicike kakhulu wukuthi sisadlala amaBhunu nakuba kusaphethe uhulumeni wethu omnyama.

Ningizwe kahle, angisho ukuthi amaBhunu mawahlukun­yezwe kodwa kufanele ayizwe ingcindezi yokuthi sekuphethe uhulumeni wethu manje.

Uma iBhunu liphule umthetho kuye kuthiwe makuxoxisw­ane nalo, kodwa uma kungumuntu omnyama, uvele aboshwe, akukhuluny­wa izinto eziningi.

Le SPCA mayiphenyw­e ukuthi ngabe ivikela izilwane ezihlukuny­ezwa ngabamnyam­a kuphela yini, kungenjalo abaphathi bayo mabamiswe kungene abanye abangezuku­sebenzisa amandla abo ukulwa impi yobandlulu­lo kule lizwe lethu. O’Brien “Scara “Gcabashe PHOLA- MLOSHI, INANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa