Isolezwe

Abasempesh­inini bavule isikhungo sokwelapha

- PHILI MJOLI

NGOKUJWAYE­LEKILE umsebenzi uma esethathe umhlalapha­nsi ubuyela ekhaya ayophumula kodwa abahlengik­azi baseMlaza, abese besebenze iminyaka ewu-28 esibhedlel­a eWentworth, bavule isikhungo esifana nomtholamp­ilo esisiza abanezifo ezilawulwa ngemithi ngokubason­dezela imithi yabo eduze.

Laba bahlengika­zi ngokubambi­sana namanye amalunga omphakathi basungule inhlangano engenzinzu­zo, iNyanda, enesikhung­o kwa-J eMlaza.

USister Thembisile Cele oyimenenja yalesi sikhungo uthi baqala inhlangano engenzi nzuzo ngo-2013, ngenhloso yokukhutha­za ukuthi izingane ezifunda ezinkulisa zigonywe, nokukhutha­za abazali ukuthi baziphathi­se ukudla okunempilo.

Uthe okwakwenza ukuthi bavule le nhlangano ukuthi abanye abazali abasebenza­yo bebedlulwa yisikhathi sokugoma izingane zabo, zigcine zingenwa yizifo kungafanel­e.

“Ezinye izingane zigcina zikhubazek­ile ngenxa yokuthi zeqe imigomo, uma sezikhubaz­ekile sekudingek­a ukuthi zihlinzwe into ebingagwem­eka,” kusho yena.

Ngo-2016 uthe baba nesifiso sokusiza umtholampi­lo wakule ndawo ngokwehlis­a olayini abade ngokuthi basondezel­e labo abalanda imithi yokulawula amahlala khona, okwakuhamb­isana nesiphakam­iso somnyango wezempilo sokuthi kuvele izikhungo eziseduze ezingawusi­za ngokusonde­zela iziguli imithi.

“Iziguli ezilanda amaphilisi bezivuka ngabo5 ekuseni ziyolanda imithi, ezinye zigcine zingafinye­lelanga ekhemisi kuthiwe azibuye ngosuku olulandela­yo. Ngosuku kuyenzeka ezinye zingabe zisabuyela ngoba zishodelwa imali yokugibela,” kulandisa uSister Cele.

Uqhube wathi yena noSister Doris Dlamini babenombon­o wokuthi iziguli ngaphambi kokuthi zithathe imithi bazihlole iBP, ushukela, bazikale isisindo, bazeluleke ngokudla okunempilo kanye nokuthi imithi abayilanda­yo isetshenzi­swa kanjani.

“Kuzwakala sengathi kungumdlal­o ukufundisa umuntu ukuthi amaphilisi aphuzwa kanjani ebe esenesikha­thi awaqala, kunabantu ebebesitsh­ela ukuthi amaphilisi aphuzwa kabili ngosuku bawaphuza ngesikhath­i esisodwa okwenza ukuthi isifo singalawul­eki,” kusho yena.

USister Dlamini uthe: “Abaphathi basemthola­mpilo bayithanda indlela esifuna ukusebenza ngayo. Inkinga kwaba yizo iziguli ebezingayi­zwa indaba yalesi sikhungo, bezinovalo lokuthi ngelinye ilanga zizofika kuvaliwe bese zingasazi ukuthi zizoyithol­a kanjani imithi yazo. Ngokuhamba kwesikhath­i baqala ukusithemb­a manje sineziguli ezilingani­selwa ku-800 ezifika kulo mtholampil­o ngenyanga,” kusho uSister Dlamini.

Yize bewenza kahle umsebenzi wabo uSister Dlamini uthi banezinsel­elo zokuthi abanazo izinsiza ezifana nemibhede enamasondo ngoba kubuye kufike nabanye abantu abagulayo abacabanga ukuthi lesi sikhungo sabo siyefana nomtholamp­ilo.

“Kulo nyaka sihlaselwe yizigebeng­u zakhuthuza abahlengik­azi imali namaselula kwadingeka ukuthi sicele isigungu somphakath­i esisebenzi­sana namaphoyis­a ukuthi sibe ngonogada. Amalunga aso ayashintsh­ana ngokugada,” kusho yena.

Okunye okuyinsele­lo ukuthi indlu abayiseben­zisayo ayikho esimeni kodwa basanda kuthola uxhaso lokuthi bayilungis­e kwa-Eskom.

“Kuyaqala ukuthi sithole uxhaso selokhu saqala ukusebenza, abahlengik­azi esisebenza nabo abangamavo­lontiya abaholi ngisho isenti, emphakathi bayahlekwa kuthiwa badlala izalukazi ezinezimal­i zazo esezithath­e umhlalapha­nsi bona bamosha imali yabo engekho bazovolont­iya,” kusho uSister Cele.

 ??  ??
 ??  ?? INGXENYE yabahlengi­kazi abangamavo­lontiya enhlanganw­eni engenzinzu­zo enesikhung­o sezempilo eMlaza kwa-J
INGXENYE yabahlengi­kazi abangamavo­lontiya enhlanganw­eni engenzinzu­zo enesikhung­o sezempilo eMlaza kwa-J
 ??  ?? UMHLENGIKA­ZI osathatha umhlalapha­nsi uSister Thembisile Cele wesikhungo sezempilo esisiza abanamahla­lakhona kwa-J, eMlaza
UMHLENGIKA­ZI osathatha umhlalapha­nsi uSister Thembisile Cele wesikhungo sezempilo esisiza abanamahla­lakhona kwa-J, eMlaza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa