Bakhiqize itiye ngokudla kwesintu
ABANGANI benze okuhlukile benza imikhiqizo yetiye eyenziwe ngokudla kwesintu nezinye izinto ezivame ukusetshenziswa ngokwesintu.
Laba bangani uNksz Nomagugu Khathi (29) nabangani bakhe, uNksz Phindile Ngubane (27), Nksz Nothando Khanyile (27) noNksz Bongiwe Gumbi (27) abanenkampani eyaziwa ngeTetra-Agri Processing Solutions eseGlenwood, basanda kwethula itiye elakhiwe ngembuya nelakhiwe ngempepho.
UNksz Khathi uthe baqale inkampani yabo ngonyaka odlule lapho bebegxile ekwelulekeni abalimi abebefuna ukungena embonini yokuhlinzeka imikhiqizo yabo ezitolo.
Uthe kulo nyaka baqale ukwenza itiye lempepho nelembuya, iphalishi lembuya nelamadumbe.
“Sicabange ukuthi kungakuhle sigcine izinto ebezivame ukusetshenziswa emakhaya ethu nesikhuliswe ngazo nokuthi siphinde sifundise abantu ngezinye izindlela ezingasetshenziswa ngazo,” kusho uNksz Khathi.
Uthe abantu abaningi abazi ukuthi imikhiqizo efana nempepho ingasetshenziswa ngezindlela ezehlukene.
Abaningi bazi ukuthi impepho iyashunqiswa nje kuphela kodwa uveze ukuthi ingasetshenziselwa nokunye okubalwa kuko ukuyibilisa emanzini uyiphuze uma ufuna ukuhlanza isibeletho noma uphethwe yizinyo. Uveze ukuthi nembuya ingaba nosizo kubantu abaphathwa yisilumo futhi ineprotein eningi uma iqhathaniswa nenyama.
Uthe umcabango wokusungula le mikhiqizo wabafikela kudala ngoba befuna ukuthi abantu bangakhohlwa yizinto abakhuliswe ngazo.
“Lena yimikhiqizo engajatshulelwa yinoma ubani othanda ukudla neminye imikhiqizo yesintu esikhule ngayo. Yimikhiqizo eyenziwe ngokudla neminye imikhiqizo yesintu esikhuliswe ngayo sayijwayela kusuka sisebancane,” kusho uNksz Khathi.