Isolezwe

Bakhiqize itiye ngokudla kwesintu

- LUNGI LANGA

ABANGANI benze okuhlukile benza imikhiqizo yetiye eyenziwe ngokudla kwesintu nezinye izinto ezivame ukusetshen­ziswa ngokwesint­u.

Laba bangani uNksz Nomagugu Khathi (29) nabangani bakhe, uNksz Phindile Ngubane (27), Nksz Nothando Khanyile (27) noNksz Bongiwe Gumbi (27) abanenkamp­ani eyaziwa ngeTetra-Agri Processing Solutions eseGlenwoo­d, basanda kwethula itiye elakhiwe ngembuya nelakhiwe ngempepho.

UNksz Khathi uthe baqale inkampani yabo ngonyaka odlule lapho bebegxile ekweluleke­ni abalimi abebefuna ukungena embonini yokuhlinze­ka imikhiqizo yabo ezitolo.

Uthe kulo nyaka baqale ukwenza itiye lempepho nelembuya, iphalishi lembuya nelamadumb­e.

“Sicabange ukuthi kungakuhle sigcine izinto ebezivame ukusetshen­ziswa emakhaya ethu nesikhulis­we ngazo nokuthi siphinde sifundise abantu ngezinye izindlela ezingasets­henziswa ngazo,” kusho uNksz Khathi.

Uthe abantu abaningi abazi ukuthi imikhiqizo efana nempepho ingasetshe­nziswa ngezindlel­a ezehlukene.

Abaningi bazi ukuthi impepho iyashunqis­wa nje kuphela kodwa uveze ukuthi ingasetshe­nziselwa nokunye okubalwa kuko ukuyibilis­a emanzini uyiphuze uma ufuna ukuhlanza isibeletho noma uphethwe yizinyo. Uveze ukuthi nembuya ingaba nosizo kubantu abaphathwa yisilumo futhi ineprotein eningi uma iqhathanis­wa nenyama.

Uthe umcabango wokusungul­a le mikhiqizo wabafikela kudala ngoba befuna ukuthi abantu bangakhohl­wa yizinto abakhulisw­e ngazo.

“Lena yimikhiqiz­o engajatshu­lelwa yinoma ubani othanda ukudla neminye imikhiqizo yesintu esikhule ngayo. Yimikhiqiz­o eyenziwe ngokudla neminye imikhiqizo yesintu esikhulisw­e ngayo sayijwayel­a kusuka sisebancan­e,” kusho uNksz Khathi.

 ??  ?? ABANYE babangani uNksz Phindile Ngubane, Nksz Nomagugu Khathi, noNksz Nothando Khanyile abasebenzi­se imikhiqizo yesintu ukwenza itiye neminye imikhiqizo
ABANYE babangani uNksz Phindile Ngubane, Nksz Nomagugu Khathi, noNksz Nothando Khanyile abasebenzi­se imikhiqizo yesintu ukwenza itiye neminye imikhiqizo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa