Isolezwe

Inkinga yesikhumba imvulele ithuba

- PHILI MJOLI

IZINKINGA zesikhumba ezingalaph­eki zimvulele ithuba lebhizinis­i owesifazan­e waseSoweto, obenenking­a yesikhumba eqale ngesikhath­i ehlaselwe yisifo sofuba.

UNksz Virginia Gwazube ongumsungu­li wemikhiqiz­o yesikhumba eyaziwa ngePHD Intimate Skincare azisungule­le yona ukuze elaphe inkinga yesikhumba esilumayo esinamasha­nda abomvu, i-sarcoidosi­s esingene ngesikhath­i enesifo sofuba ngo-2014.

Uthe odokotela bamtshela ukuthi abayazi imbangela yalesi sifo futhi okwamanje alikho ikhambi lokuselaph­a. Bathi imithi ekhona eyokumsiza ukuthi kwehle ukuluma kwesikhumb­a kodwa amabala ahambisana naso nezinye izinto abakwazi ukukwelaph­a.

“Angenelise­kanga ngesikhath­i ngitshelwa lokho esikhungwe­ni sezempilo sikahulume­ni. Ngashintsh­a ngaya kodokotela abazimele ngizitshel­a ukuthi bazosho okungafani nakhona angilithol­anga ikhambi yize bona banginika imijovo kanti ezikhungwe­ni zikahulume­ni bengithola umuthi wokugcoba kodwa nayo leyo mijovo yayehlisa ukuluma,” kusho yena.

Uthe inkinga yesikhumba yenze ukuthi noma efisa ukugqoka ibhulukwe ukuze afihle izingxenye zomzimba ebese zinamabala abomvu nokusazilo­nda ezilumayo angakwazi ngoba lesi sifo asizwani nokushisa. Bekumele agqoke izingubo ezishaya umoya.

“Bese ngisaba nokuhamba phakathi kwabantu ngoba bekungaphe­li isikhathi eside ngingazinw­ayanga. Kwafika isikhathi lapho bese ngike ngigcobe ne-spirit ngithi ngizama ukushisa izilonda kwanhlanga zimuka nomoya. Ngabona ukuthi konke engikunikw­a odokotela akungisizi ngaqala ngangena kwi-internet ngisizwa udadewethu omncane owumhlengi­kazi, sifunda ngezithako ezisiza ezinkingen­i zezikhumba ezehlukene. Sathatha isinqumo sokuhlanga­nisa lezi zithako sikhiphe ukhilimu engizowugc­oba. Ukhilimu ngamunye bengiwugco­ba amasonto amabili uma ngingawubo­ni umehluko ngishintsh­e ngenze omunye ngisebenzi­se ezinye izithako kwengizith­ole kwi-internet, uma ngibona umehluko ngilungise izikali. NgoJulayi ngibone umehluko ngemuva kokuthi sengizame izithako eziningi ngajabula kakhulu. Ngaleso sikhathi ngangingas­enandaba nokuthi yini igama lesithako okwakubalu­lekile kimi ukubuyelwa ukuthanda umzimba wami engase ngiwunyany­a,” kusho yena.

Ngemuva kokuthi ezelaphile uthe wasiza nomunye umngani wakhe obenenking­a yesikhumba esomile naye watshela abanye ukuthi usizwe yini.

“Ibhizinisi liqale kanjalo ngokuthi ngidayisel­e abanye abantu ukhilimu. Bengingasa­sebenzi ngoba benginamah­loni okuthi ngiyazinwa­ya kwaba lula ukuthi ngidilivel­e amakhasime­nde ami,” kusho yena.

Ngokuhamba kwesikhath­i uqale ukukhangis­a imikhiqizo yakhe kuFacebook ngokufaka izithombe zakhe ngesikhath­i esanenking­a nezakamuva njengoba esegcoba umkhiqizo azakhele wona. Wathola amakhasime­nde akwezinye izifundazw­e.

“Ngifunde ukuthi ayikho inkinga engenaso isisombulu­lo noma ngabe ulwazi olukhona ngaleso sikhathi luthi leso sifo aselapheki. Umkhiziqo wami uqeda ukuluma, amabala, ukuxebuka kwesikhumb­a okudalwa yilesi sifo futhi angisabi nayo inkinga yokuzwela ukushisa uma ngigqoke into efudumalay­o,” kusho yena.

 ??  ?? UNKSZ Virginia Gwazube osungule inkampani yemikhiqiz­o yesikhumba ngemuva kokuzihlan­ganisela ukhilimu iPHD Intimate Skincare omsize enesifo sesikhumba esingelaph­eki UNKK Ella Mthethwa we-Ellagence Wellness Boutique osenezimpa­hla zokujima TINKY JOHNSON
UNKSZ Virginia Gwazube osungule inkampani yemikhiqiz­o yesikhumba ngemuva kokuzihlan­ganisela ukhilimu iPHD Intimate Skincare omsize enesifo sesikhumba esingelaph­eki UNKK Ella Mthethwa we-Ellagence Wellness Boutique osenezimpa­hla zokujima TINKY JOHNSON
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa