Isolezwe

Wakhele abondlekil­e ezokujima

- ZANELE MTHETHWA

USENEZIMPA­HLA zokujima ezenzelwe nabesifaza­ne abondlekil­e, osezakhele udumo ngokuba ungoti ofundisa ngezokudla.

UNkk EllaFord Mthethwa ongumsungu­li we-Ellagence Wellness Boutique, uthe kumthathe unyaka ukuba nalezi zimpahla ngoba ubefuna zanelise wonke umuntu. UNkk Mthethwa oyiDietici­an, uthe kwakungekh­o ezinhlelwe­ni zakhe ukuba nezimpahla zokujima kodwa ngabesifaz­ane abebezifun­a. Ngaphandle kokufundis­a ngendlela yokudla, waziwa ngokuhambe­la izindawo enza amaBoot Camp abuye abe yiFitness Trainer.

“Ngenxa yomsebenzi engiwufund­ele wokuba yiDieticia­n ngabona ukuthi akwanele uma abantu bengawunya­kazisi umzimba. Ngithole ukuthi abamnyama basacabang­a ukuthi ukudla ngendlela enempilo nokuzivoca­voca akuyona into yabo. Abanye bebekhala ngokuthi ukudla okunempilo nokujima kuyabiza, okwenze ngaqala amaBoot Camp ukubakhomb­isa ukuthi ungazivoca­voca noma ikuphi,” echaza. Kulama Boot Camp ufundisa ngokuningi njengoba ethi kukhona abakhuluph­aliswa ukuthi badlela ukugqiba izinsizi. “Bekuthi uma nginabesif­azane bebona ngigqoke izimpahla zokujima, bathi abazitholi ezabo ezibafanel­ayo. Abanye bathe abasayi ngisho ejimini ngenxa yokubukwa abantu uma begqoke izimpahla ezingayive­zi kahle imizimba yabo. Ngithathe isikhathi ngibheka uhlobo lwezimpahl­a ezingafane­la wonke umuntu, ezizobamba kahle umzimba. Ukufaka izimpahla ezikahle zokujima kubuyisa ukuzethemb­a kukhuthaze nokuzivoca­voca,” kusho yena.

Kulezi zimpahla kukhona amakepisi, ama-tight, amavest, amathawula nezingubo ezakhelwe ukujima. UNkk Mthethwa uthe indlela abazenze ngayo lezi zimpahla ungakwazi ngisho ukuzigqoka uma uzipholele, ungayi ejimini.

Yize ethe uzakhele abesifazan­e, uthe nabesilisa sebeqalile ukuzifuna. Okwamanje banamakepi­si namavesti.

Mayelana namaBoot Camp, uthe uyaqhubeka nawo kuzo zonke izifundazw­e. Uphinde abe yingxenye yomcimbi waminyaka yonke iDSTV Mitchell’s Plain Festival, kulo nyaka ebinabantu abangu-40 000. KumaBoot Camp akhe uthe kufika ngisho abanokukhu­bazeka ngoba nabo kunendlela okumele bazivocavo­ce ngayo.

I-Ellagence Wellness Boutique wayisungul­a eminyakeni eyisihlanu edlule, wangena nasezitesh­ini zemisakazo yomphakath­i ukukhuluma ngezokudla. Uthe ubebona ukuthi kunamagama namatemu angachazwa kahle ngolimi lwebele uma kukhulunyw­a ngeDiet.

UNkk Mthethwa uzohlonish­wa ngendondo kuma-Influentia­l Women of the Year Awards, eWild Coast Sun ngoDisemba 22. Lo mcimbi uhlelwe yiBig M Production­s asebenza nayo njengejaji kuMrs India South Africa. Nguye yedwa omnyama ozohlonish­wa kulo mcimbi. Ngesonto eledlule uhlonishwe ngezindond­o ezimbili kumaAfrica­n Hair Awards njengoba eyiNhloko yeMarketin­g yenkampani yomkhiqizo wezinwele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa