Isolezwe

Ezokupheph­a ziseqhulwi­ni eThekwini

-

SEKUYISIKH­ATHI sonyaka lapho khona idolobhaka­zi iTheku liba matasatasa kakhulu ukwenza amalungise­lelo okwamukela izinkulung­anwe zezivakash­i eziqhamuka kulo lonke izwe.

Umsebenzi lona esiwuthaka­sela kakhulu kwazise izivakashi zethu zishiya eningi imali edolobheni lethu nokusileke­lelayo ukuthi iningi labantu bakithi likwazi ukuxosha ikati eziko.

Ngingasayi­khulumi eyamahhote­la ethu nezindawo zokudlela ezigcwala phama ngale nyanga.

Emasontwen­i ambalwa edlule sisebenze ngokuzikha­ndla ukwenza isiqinisek­o sokuthi konke kumi ngomumo ngezinhlel­o zangoDisem­ba njengoba sebeqala ukufika abavakashi­le.

Njengoba sijwayele ukwenza minyaka yonke, sizophinda futhi senze lawa maholidi kube ngamaholid­i amnandi abavakashi­le abangasoze bawakhohlw­a.

Ngiyajabul­a kakhulu ukubika ukuthi ikomiti leFestive Season Management lenze umsebenzi oncomekayo kakhulu yingakho konke sekumi ngomumo.

Muningi-ke umsebenzi abawenzile phakathi kwawo okuwuhlelo lokuqinise­kisa ukuthi izingane azilahleki. Uma izivakashi zethu zifika nje emabhishi kumele zibhalise izingane zazo ukuze zizofakwa ibhengela elineminin­ingwane yonke yomzali.

Lokhu kusiza ekutheni uma kwenzeka abantwana belahleka kube lula ukubahlang­anisa nabazali babo. Abazali abaqinisek­ise ukuthi uma befika ebhishi bayakwenza lokhu.

Leli komiti laqhamuka futhi nohlelo lokulawula umthamo wezimoto ezingena emabhishi. Kuzoba nemigwaqo ezovalwa thaqa bese kuthi eminye ilawulwe ngalokhu okuthiwa phecelezi ama-boom gates, kuwona kuzobe kukhona amaphoyisa ethu.

Amakhumbi awazovunye­lwa ukuthi angene emabhishi kunalokho uma efika eThekwini kuzodingek­a ukuthi athulule abagibeli e-Old Drive Inn nokuzothi kamuva bese bethuthelw­a emabhishi ngezithuth­i ezihleliwe. Senze isiqinisek­o sokuthi lapho bezothulul­wa khona kunezindlu zangasese nezindawo zokuzihlan­za.

Senze konke okusemandl­eni futhi ukuthi idolobhaka­zi lethu ligcineke lihlanzeki­le ikakhuluka­zi emabhishi. Yingakho amathimba azoqoqa udoti emi ngomumo.

Lawa mathimba ahlanganis­a navela kosonkonti­leka abancane. Azosebenza izikhawu ezahlukene, isibonelo nje, kukhona abazoseben­za kusuka ku-6 ekuseni kuya ku-2.30 ntambama, ngo-3 ntambama kuya ku-11 ebusuku nango-10 ebusuku kuya ku-5.30 ekuseni. Siyacela izivakashi zethu zonke ukuthi zisilekele­le ngokuthi udoti ziwufake emigqonyen­i ebekwe kulo lonke idolobhaka­zi lethu.

Ezokupheph­a sizibeke eqhulwini njengoba sekube nemihlanga­no eminingi phakathi kwamaphoyi­sa ethu ngokunjalo noSAPS. Sime ngomumo ukuvimba noma ngabe hlobo luni lobugebeng­u ngoba kuwumseben­zi wethu ukuthi senze isiqinisek­o sokuthi izivakashi zethu zonke zibuyela ekhaya ziphephile. Kumanje nje senza umsebenzi wokuthi sengeze amakhamera futhi sibuka nodaba lokuthumel­a ama-drones azobe endiza kuwo wonke amabhishi ethu ukusibheke­la izaphula mthetho.

Asikuqonde ukuthi utshwala abuvunyelw­e emabhishi futhi abazothola­kala bephuza esidlangal­aleni bazobhekan­a nengalo yomthetho. Sithanda ukuxwayisa labo abazoshaye­la bephuzile ukuthi uKhisimusi bangase bawudlele esitokisin­i.

Sicela abavakashi abazobe beshayela amabanga amade belibhekis­e kwelikaBha­nana ukuthi bashayele ngokukucop­helela futhi bahloniphe nemithetho yemigwaqo. Masikujway­ele futhi ukuthi uma sizizwa sesikhathe­le, siphumule ngoba lokho kosilekele­la ekutheni kunciphe izingozi emigwaqwen­i. UMnuz Sipho Nzuza uyiMeneja kuMasipala weTheku

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa