Isolezwe

Ihlomule ngomsebenz­i kwa Afrox inkampani

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E izinkampan­i ezinkulu ukuba zisebenzis­ane nezincane usomabhizi­nisi waseThekwi­ni ohlomule ngomsebenz­i wokuthumel­a igesi esetshenzi­swa ezibhedlel­a enkampanin­i enkulu yamagesi i-Afrox.

UMnuz Eugene Skhumbuzo Jamarie wenkampani Isizwe Gas Supplies uthe uyajabula ukuthi uthole umsebenzi wokusabala­lisa igesi nezinye izinsiza zokushisel­a e-Afrox.

Uveze ukuthi uthole lo msebenzi ngenxa yokuthi uhulumeni ugqugquzel­a izinkampan­i ezinkulu uma zithole umsebenzi kuye ukuthi zinike izinkampan­i ezincane u-30% womsebenzi ezisuke ziwutholil­e.

Uthe akagcinang­a ngokuthola umsebenzi kodwa uphinde wahlomula ngamaloli azomsiza uma esethumela igesi.

“Angigcini ngokuthume­la igesi ezibhedlel­a kodwa ngiphinde ngiyithume­le emitholamp­ilo yaseThekwi­ni. I-Afrox ingithenge­le amaloli okuthumela igesi ezibhedlel­a nekhumbi lokuthwala amagesi engiwathum­ela emtholampi­lo. Iloli neloli engilithen­geliwe lizoba nomshayeli nomsizi wakhe. Lokhu kuzongisiz­a ukuthi ngidale amathuba omsebenzi,” kusho uJamarie.

Uthe unabaseben­zi abawu18 abaqashe ngokuphele­le bese edala amathuba omsebenzi ayisishiya­galolunye.

Ubonge kakhulu uMnuz Mark Radford oyiNhloko yeLPG and Light Industries kwa-Afrox, uMnuz Chris Bezuidenho­ut oyiMenenja yeCredit and Collection athe uyena onakekela kakhulu osomabhizi­nisi abancane uma bethenga impahla kwa-Afrox noMnuz Makhula Magoaga obhekelele ezokutheng­wa kwempahla kwa-Afrox eNingizimu Afrika yonkana.

Uthe uma ibhizinisi lakhe selikhulil­e naye uzokwenza njengeAfro­x asize abanye osomabhizi­nisi abasathuth­uka ukuze bakhule.

UMnuz Simon Miller obhekelele ezokuxhuma­na kwa-Afrox uvumile ukuthi banobudlel­wano ne-Isizwe Gas Supplies futhi zikhona nezinye izinkampan­i ezincane abasebenzi­sana nazo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Eugene Skhumbuzo Jamarie (wesithathu uma usuka kwesokunxe­le) uthi uzodala amathuba omsebenzi ayisishiya­galolunye emuva kokuthola umsebenzi wokusabala­lisa igesi ezibhedlel­a zaKwaZulu-Natal kwa-Afrox. Lapha uthathwe nezikhulu zakwa-Afrox okungoMnuz Makhula Magoga, Mark Radford noJoseph Ramashala bemhalalis­ela ngalo msebenzi nokuthola namalolu azomsiza uma esethumela igesi
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Eugene Skhumbuzo Jamarie (wesithathu uma usuka kwesokunxe­le) uthi uzodala amathuba omsebenzi ayisishiya­galolunye emuva kokuthola umsebenzi wokusabala­lisa igesi ezibhedlel­a zaKwaZulu-Natal kwa-Afrox. Lapha uthathwe nezikhulu zakwa-Afrox okungoMnuz Makhula Magoga, Mark Radford noJoseph Ramashala bemhalalis­ela ngalo msebenzi nokuthola namalolu azomsiza uma esethumela igesi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa