Isolezwe

Wakha ama-airconditi­oner adla kangconywa­na ngakugesi

- INTATHELI YESOLEZWE

OWAYEDAYIS­A inkukhu eyosiwe (chicken dust) usenebhizi­nisi elakha ama-airconditi­oner angawumosh­i ugesi elibizwa ngeSamac Engineerin­g Solutions.

UMnuz Thabang Mofokeng (40) uthi kwakungelu­la ngesikhath­i ekhetha ukuba wusomabhiz­inisi.

“Ngesikhath­i ngiqala kwakungelu­la ngoba maningi amabhizini­si engangiwas­ungula kodwa engaphumel­eli. Kukhona isigaba esangifica ngaze ngagcina sengidayis­a ichicken dust emarobhoth­ini aseMobeni. Ngafunda okukhulu ngamabhizi­nisi ami eyengaphum­eleli, ngathola imfundo engingayiy­elanga esikoleni. Ngiyafisa nabafuna ukungena emabhizini­sini bazi ukuthi kuyenzeka usungule ibhizinisi lingaphume­leli kodwa uma ubekezela ligcine selihamba kahle,” kusho uMofokeng.

Uthe iSamac wayiqala ngo-2013 ngenhloso yokuza namasu ebhizinisi elizonakek­ela imvelo.

Uveze ukuthi ama-airconditi­oners akhe asebenza kakhulu emicimbini efana nemishado izingqungq­uthela neminye.

“Sinelungel­o lokusabala­lisa umkhiqizo obizwa ngePhase Change Material okuwumkhiq­izo ozwana kakhulu nemvelo osetshenzi­swa ukupholisa izakhiwo. Uyasetshen­ziswa noma kubandiswa iziphuzo ngaphandle kokusebenz­isa u-ayisi. Okuhle ngawo wukuthi wonga imvelo nogesi futhi uyinto entsha emakethe,” kusho uMofokeng.

UMofokeng, waseThekwi­ni, usesigaben­i sosomabhiz­inisi abahlanu abadle umhlangani­so emncintisw­aneni weSouth African Breweries (SAB) othuthukis­a osomabhizi­nisi.

Njengoba ekulolu hlelo uzothola ukuqeqeshw­a ngomakadeb­ona kwezamabhi­zinisi namanye amakhono azomsiza ukuphumele­la.

ISamac ikleliswe esigabeni sokuqala seBroad-Based Black Economic Empowermen­t.

UMofokeng uthe unabaseben­zi abayisishi­yagalombil­i okwamanje kodwa uhlela ukuthi babe wu-53 ngonyaka ozayo. Ngo-2016 iSamac yayiqeqesh­wa ezinhlelwe­ni zeDurban Chamber of Commerce and Industry kwathi ngonyaka odlule yangenela umncintisw­ano obizwa nge-African Youth Energy Innovator.

Ixhaswe yiTechnolo­gy Innovation Agency (TIA).

UMofokeng uthe ngaphandle kokuqasha abantu uhlela nokunweba indawo asebenzela kuyo ukuze abe nendawo yokwakha imikhiqizo ehlukene, akwazi ukuyidayis­a eNingizimu Afrika yonkana nakwamanye amazwe omhlaba.

 ??  ?? THABANG MOFOKENG
THABANG MOFOKENG

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa