Isolezwe

Musa ukuphawula ngemizimba yabanye abantu

-

NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka engu37, ngiyazitha­nda, ngiyazinak­ekela, ngihlanzek­ile futhi ngikhaliph­ile.

Ungazakhel­a isithombe sokuthi ngibukeka kanjani ngokwesidu­mbu kodwa ngizokweph­ulela lowo msebenzi ngikuchaze­le.

Selokhu kwathi nhlo inkaba ishone ngaphakath­i esiswini, ngikuzwa ngendaba ukuba yilamba lidlile.

Nokho zike zibe khona izikhathi lapho ngikufisa khona kepha ukukhuluph­ala ngokomzimb­a akungikhat­hazi futhi kudala ngakwemuke­la.

Ngokwami asikho isidingo sokuchaza isidumbu sami ngoba kasishints­hi ukucabanga kwami, kasiwushin­tshi umoya wami kanjalo nokusenhli­ziyweni yami.

Ngithathe isinqumo sokuchaza lokhu kule ngosi nje ngoba isingimi emphinjeni indlela abantu abakhuluph­ele abaphathwa ngayo emiphakath­ini.

Uthi usazihambe­la nje emgwaqweni uzwe umuntu ongakwazi ngisho isibongo ethi “Sdudla kunjani.”

Uthi usamangazw­e yilokho uhlangane nomuntu omaziyo ekade nagcinana naye ababaze kudume izihosha “Usakhuluph­ele namanje, hhayi kusho ukuthi ngeke usancipha!”

Kokunye uzwe kubatshazw­a omunye ukuthi usekhuluph­ele kangakanan­i, kumele anciphise isisindo ngoba ‘usonakele’.

Abanye bayabikelw­a uma kuzoba nemicimbi emakubo noma ezihlotshe­ni ngoba kukhona abagade abakhuluph­ele abazele ukuzobabaz­a ubukhulu babo.

Imvamisa abakhuluph­ele bayaye bangabi nayo impendulo kulezi zinkulumo, nami ngingomuny­e wabo ngizenza omamatheka­yo ngingaphen­duli.

Kambe iyiphi vele impendulo efanele okumele uqhamuke nayo umuntu ongeyena udokotela ekudilika ngomzimba wakho ongahlange­ne nakancane naye?

Ngokuloba ngalokhu ngifisa ukucacisa ukuthi ucasula futhi ujule kangakanan­i umkhuba wokuphawul­a sakugcona ngomzimba womuntu.

Kungabe isici sakhe noma isimo azithola ekuso esinciphis­a noma esikhuluph­alisa umzimba wakhe.

Okucabanga­yo kugcine kuwena ngoba kawazi kuzohlala kanjani kumuntu futhi imvamisa usuke ungazi nokuthi yini eholele ekutheni akhuluphal­e noma anciphe.

Ngifikelwa wugqozi lokubhala ngalokhu nje yingoba ngibe neshwa ngahlala eduze kwenye intokazi ebabaze ubukhulu bami ngaze ngaphoqele­ka ukusuka eduze kwayo ngayohlala kwenye indawo.

Ukungaphat­heki kahle kwami kuholele ekutheni ngigonyulu­ke ngabhala enkundleni yezokuxhum­ana, uFacebook ngalesi sehlo.

Abantu abaphawuli­le bebesho ngazwi linye ukuthi akulungile ukuphawula ngomzimba womuntu kodwa okungithin­tile ngukunanel­a kwabanye abangani bami abakhuluph­ele nabo abebeveza ukuxakeka nokukhatha­zeka kwabo ngezinkulu­mo zamihla le yokubatsha­zwa ukukhuluph­ala.

Zimbili izinhloso zale ngosi, eyokuqala ngukuninxu­sa bafundi ukuthi ezinkundle­ni ezehlukene esiyizingx­enye zazo sike silivule ithuba lokuqwashi­sana ngalesi sihlava sokuphawul­a nokugcona umzimba womuntu.

Kungabe isemsebenz­ini, isesikolen­i, isesontwen­i, iseqenjini oyilungu lalo, nginxusa abasemandl­eni ezigabeni ezehlukene ukuba bake bahlele kufundiswe abantu kunqandwe lo mkhuba ohambisana nobuqhwaga nokungafun­diseki.

Inhloso yesibili ngeyokuqwa­shisa ngokuvele ukhulume noma yini. Lokhu kuyabulala, kungangakh­ipha izidumbu kepha kuphula umoya. Ngenxa yokuthi kasifani, abanye bangagcina sebezenyen­za futhi bengazithe­mbi.

Isicelo sami sithi asiyekeni ukukhuluma ngemizimba yabantu sizifundis­e nasempilwe­ni ngokuba nomzuzwana wokucabang­a ngaphambi kokuphawul­a, sizibuze ukuthi ngabe sikhona yini isidingo sokuphawul­a.

Lokho koyokwenza umuntu ongcono, sibe yisizwe esingcono.

Kwesithwel­e nabo kanzima ngokugconw­a ngemizimba, masizithan­de futhi siphendule uma sigconwa singafeli ngaphakath­i.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa