Usewola izindondo owayehlekwa esikoleni
IKHOLWA ukuthi izinkondlo izambulelwa uMdali imbongi yaseMgungundlovu esiwole izindondo ezingu-34 emicimbini ehlukene. UZwelithini Phetha ozibiza ngoNtatheli waseMazulwini kulo mkhakha, indondo yokugcina ayitholile ngeyamaLive Your Dreams Awards obekuncintisana kuwo izimbongi ezingu-127 ezweni lonke. Lo mcimbi ubusePlayhouse eThekwini ngesonto eledlule.
UPhetha uthe wayiqala sakudlala indaba yokuhaya izinkondlo futhi ukube akabekezelanga ngabe wayeka ngoba wayehlekwa esikoleni.
Uthe waqala ukuhaya izinkondlo ngo-2008 efunda eMlulama Secondary eHopewell, eMgungundlovu. Uthe waqala ngenkondlo eyayibhalwe udadewabo ethi ‘Mzali waze Wahlupheka.’
“Udadewethu ubengeyona imbongi kodwa wayezibhalele nje le ndaba ngoba efuna ukukhuthaza abazali abahlushwa izingane. Ngayifunda ngayibona ifanelwe ukuba inkondlo.
“Ngayifunda ngaze ngayazi ngekhanda ngase ngicela ukuyihaya emthandazweni esikoleni. Izingane zangihleka ezinye zithi ngiyazibhora, ngasizwa uthisha wesiZulu owangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngizibhalele izinkondlo.”
Ngesikhathi eqala ukuzibhalela izinkondlo uthe wayezibhalela indaba nje ngoba ubengayazi nemigomo yokubhala izinkondlo.
Ngesikhathi elokhu ehaya izinkondlo kuze kwangena kuyena ukuba yimbongi, waqala nokungenela imincintiswano.
Umncintiswano aqala ukuwungenela obuhlelwe abeLove Life, asephinde wawina kuwona kaningi. Nasesikoleni ubemela isikole nakhona abuye nezindondo. Ukhethe ukusebenzisa izinkondlo ukuveza okuhle ngesikole sakhe.
Eminye imincintiswano asewine kuyo kubalwa iKZN Capital Maskandi Awards, Azibuye Emasisweni neYoung Achivers Awards. Uthe imincintiswano eminingi uyiwina iminyaka ilandelana.
UPhetha othi usezinhlelweni zokuhlanganisa iCD yezinkondlo, uthe akekho abukela kuyena kulo mkhakha kodwa ukholwa ukuthi uNkulunkulu omnikeza azokubhala. Uthe uyaqashwa emicimbini futhi ubuye ahaye izinkondlo ebandleni lakhe iTruevine Community Church.