Ingase ibuye imidlalo ePrincess Magogo
IZOBUYA imidlalo ye-Absa Premiership neyeNational First Division (NFD) ePrincess Magogo Stadium esanda kudingiswa yiPremier Soccer League (PSL).
Lokhu kulandela ukutholakala kwayo isesimeni esethusayo ngaphambi komdlalo weLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs ngoDisemba 1.
“Ilokhu ngaqala ukusebenza eNingizimu Afrika angikaze ngihlangabezane nenkundla esesimeni esiphansi ngale ndlela,” kusho umqeqeshi weChiefs osanda kuxoshwa uGiovanni Solinas ngemuva kokuthi ezakhe zikhale ngaphansi ngo 2-1 koweligi.
Leyo nkulumo ilandelwe isinqumo sePSL lapho ivale khona le nkundla eyikhaya iLamontville Golden Arrows noThongathi FC kanti iphinde ibe yikhaya lesithathu laMaZulu.
NgokukaRonnie Schloss ngalelo langa, wonke amaqembu asebenzisa le nkundla kumele azame amakhaya amasha ngoba iPSL ngeke ivume ukuthi imidlalo yayo idlalelwe enkundleni esesimeni esesabeka njengale ndlela ebesiyiyona ngoDisemba 1.
Nokho sezishintshile izinto manje ngoba lesi sikhulu (uSchloss) sitshele Isolezwe ukuthi yize kumenyezelwe ukuthi le nkundla ivaliwe mhlawumbe ngeke sibe khona isidingo sokumemezela uma isivulwa.
“Yebo simemezele ukuthi inkundla ivaliwe kodwa sesixhumene nabenkundla basitshela ukuthi sebenzeni okuyimizamo yokubuyisela isimo endleleni ejwayelekile. Asilwi namuntu kepha sifuna izinkundla zePSL zicace kwezinye. Uma beqhubeka nale mizamo abasitshela ngayo nakanjani inkundla izophinde ivulwe,” kusho uSchloss. Ngesikhathi uSchloss edingisa le nkundla uthe bekungeke kusenzeka ukuthi umiswe oweChiefs ne-Arrows ngoba ngesikhahti ezohlola inkundla ibingakabi khona ikhonsathi yabaculi le okuyiyona eshiye inkundla ikulesi simo ekusona. Kuleyo khonsathi kwakukhona abaculi abafana no-AKA, Vusi Nova noZakes Bantwini.