UPitso unengwe unozinti weBaroka
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, udinwe yisenzo sikanozinti weBaroka u-Elvis Chipezeze sokumosha isikhathi emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns igcine ibanjwe yiBaroka ngo 0-0 ikade izicanasela phambi kwabalandeli bayo eLucas Moripe Stadium, ePitoli. Nakuba iSundowns iqhubekile nokungahlulwa kwiPremiership kule sizini kodwa uMosimane ubedinwe egane unwabu emuva komdlalo ngoChipezeze athe ubenza konke ukuhambisa isikhathi kulo mdlalo, waphumelela ngenxa yokungabi nawo amava emidlalo yamazwe kukanompempe uPhillip Tinyane. UChipezeze waseZimbabwe, ube yiqhawe ngempelasonto edlule evimba amabhola anzima nephenathi ngesikhathi bewina iTelkom Knockout behlula i-Orlando Pirates eBhayi.
“Silahle amaphuzu amabili. Besidlalela ekhaya. Asijabule kodwa kulungile. Banonozinti omuhle ofanelwe wumklomelo womdlali ovelele ngokudlala nangokudla isikhathi. Uhamba yedwa ngokudla isikhathi, ukwelinye izinga. UPhillip Tinyane akanawo amava okubhekana nalo mkhuba waseAfrika.
“Ukube bekunguGomes (Victor) ubezomqondisa. Uthola abadlali ababili bephansi, unozinti elala phansi. Ukwenzile lokho kaningi bebhekene nePirates, eqhuga. Uqhuga kanjani kodwa ukwazi ukudlala umdlalo wonke, uvimbe amaphenathi ungasaqhugi? Ungikhumbuza unozinti we-AS Vita (Nelson Lukong). Ungunozinti omuhle, akukho ukungabaza kulokho. Futhi ngicabanga ukuthi umfanele umklomelo womdlali ovele awutholile. Kodwa uma umuntu enza kanjena umthwesa kanjani umqhele. Iphi i-fair play? Angijabule ngalokho. Ukhona unozinti owenza njena eNingizimu Afrika. Akukholakali. Kade sidinga unompempe onamava ozobhekana nalokhu. Uma kunomdlali ongaphandle odinga ukunyangwa, unozinti ulala phansi. Engathintwanga muntu, uyaziwela,” kusho uMosimane.
“Siyawazi la maqhinga, madala. Kodwa kudinga unompempe ongabavumeli ukuthi babuye enkundleni uma bekade bephansi. Sonke isikhathi uma belala phansi, bakhishelwe ngaphandle. Kunesikhathi lapho ababili kade bengaphandle kodwa banyangelwa ngaphakathi, wabavumela basukuma. Ungabavumeli basukume, abaphumele ngaphandle. Bayeke badlale bengaphelele (9 v 11). Akekho ozozilalisa, bazodlala. Kodwa uTinyane akanawo amava okudlalisa ngaphandle. “UGomes ubezobaqondisa kalula. Okwenzayo, uma bekwenza lokho bangasimosha isikhathi kodwa bengaphandle, bangenelwe yigoli. Benze okufanayo bebhekene neCeltic kodwa yashaya igoli, kwangasebenza. Kwesinye isikhathi kufanele udlale ibhola. Ngiyavuma, leli yiqhinga elihle kwiChampions League, bazokwenza kahle kuyona.”
Umqeqeshi weBaroka uWedson Nyirenda ujabule ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo ikakhulukazi emuva kokufinyelela esikhathini esengeziwe ne-Orlando Pirates kowamanqamu weTelkom Knockout.
“ISundowns idlala ibhola elihle. Iwuphathile umdlalo isikhathi esiningi. Kodwa nathi besiyihlupha uma sithola ibhola ikade ihlasela. Bekufanele sishaye amagoli amabili esiwombeni sokuqala. Ukuthola iphuzu kuyinto enkulu kithina. Abadlali bami badlale kahle kakhulu emuva kokudlala nePirates emdlalweni omkhulu,” kusho uNyirenda.
NgeSonto, iBaroka izobhekana neBidvest Wits emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium,ePolokwane. ISundowns ivakashela i-Al Ahly Benghazi koweChampions League ngeSonto.