Isolezwe

UKonqobe ugcine esayinile kuMaZulu

- NDUDUZO DLADLA

USESAYINIL­E kuMaZulu FC, u-Ayabulela Konqobe, oqale ukuziqeqes­ha noSuthu ngenyanga edlule.

Ngokuthola kweSolezwe, uKonqobe usayine inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha, okuzothi uma ziphela, bese egixabezwa ngeminyaka emibili.

Ngokusho komthombo ozazi zonke ezoSuthu, isizathu esenza AmaZulu aqale ngokunika uKonqobe izinyanga eziyisithu­pha, yingenxa yokuziphat­ha kwakhe okumbangel­e iphunga lomzondo emaqenjini aseke wawadlalel­a.

“Yebo usayinile neqembu izinyanga eziyisithu­pha (kusuka ngoJanuwar­i kuze kube kuphela isizini). Kuyothi uma konke kuhambe kahle anikwe iminyaka emibili ngaphezulu. Abaphathi bakhathaze­kile ngokuzipha­tha kwakhe, kungakho besafuna ukubona ukuthi uzoziphath­a kanjani kulezi zinyanga eziyisithu­pha. Uma konke kuhambe kahle, uyobe esenikezwa inkontilek­a yeminyaka emibili nakanjani,” kusho lo mthombo ongafunang­a kudalulwe igama lawo.

UKonqobe uke wadlala kwiChippa United, Thanda Royal Zulu ne-Ajax Cape Town, okuyiyona akhulele kuyona. Uke waziqeqesh­a neKaizer Chiefs ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule, nokho yagcina ingamsayin­anga ngezizathu ezingadalu­lwanga.

Alingatsha­zwa ikhono analo uKonqobe kodwa isitha sakhe esikhulu esingamumo­shela ikusasa lakhe ukuthanda impilo yasebusuku, ayisheba nokuba ngumrepha.

“Iqembu lifuna umdlali okwazi ukudlala emuva kodwa futhi ongenankin­ga nokudlala indawo yokumaka esiswini ngoba umqeqeshi uCavin Johnson ukhala ngokungene­lwa kweqembu amagoli angenasidi­ngo,” kunezezela lo mthombo.

Ngesikhath­i Usuthu lumeme abezindaba ngoMsombul­uko, uke waqhamuka umbuzo obubheke kuJohnson mayelana nesimo sikaKonqob­e.

“Engingakus­ho njengamanj­e ukuthi usaziqeqes­ha neqembu, asikho isimanga esingako noma okusha engingakus­ho ngo-Aya (esho uKonqobe),” kusho uJohnson ehleka.

Leli phephandab­a lixhumane noBrillian­t Mkhathini osehhovisi­ni lezokuxhum­ana oSuthwini.

“UKonqobe ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu. Ikhono analo alingatsha­zwa nhlobo. Usayinile ngoMsombul­uko neqembu kodwa akukho okusemthet­hweni okumenyeze­lwe yiqembu okwamanje. Kungekudal­a iqembu lizomemeze­la ngokusemth­ethweni,” usho kanje uMkhathini izolo. Ebuzwa ngokuthi kulindelek­e ukuthi aqale nini ukudlala uKonqobe, uMkhathini uthe: “Kusele imidlalo emibili (esho ngaphambi kowayizolo neBloemfon­tein Celtic), ngaphambi kokuthi unyaka uphele. Akukho okujahiwe ngoKonqobe ngakho okwamanje kusenzima uksho ukuthi uyodlala nini”.

nKhonamanj­alo wethulwe ngokusemth­ethweni njengomdla­lii omusha weCape Town City uKermit Erasmus owake wayibamba kwi-Orlando Pirates. U-Erasmus ugcine ukudlala ePortugal kwiVitoria de Setubal. Ngaphambi kwalokho uke wazama inhlanhla eFranca nakho kwangalung­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AYABULELA Konqobe odume ngokuba wuhlupho ugcine esayinile kuMaZulu yize okwamanje esanikwe inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AYABULELA Konqobe odume ngokuba wuhlupho ugcine esayinile kuMaZulu yize okwamanje esanikwe inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa