Amajita angase aqhubeke lapho kugcine khona iBanyana
IQEMBU lebhola lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka20 lisethubeni lokuqhubeka lapho kugcine khona iBanyana Banyana ngokuletha injabulo kubathandi bakanobhutshuzwayo.
Amajita azolwela ukuvikela isicoco sawo seCosafa Under 20 Championship eseZambia. Amajita, aqeqeshwa nguThabo Senong, azifake kowamanqamu ngokushaya i-Angola ngo 1-0 kowandulela owamanqamu ngoLwesibili.
Azobhekana nomakhelwano iZimbabwe kowamanqamu namuhla eNkana Stadium ngo3.30 ntambama. Uma ebuya naso isicoco, azobe ehamba ezinyathelweni zosisi bawo iBanyana, ebuyise ithemba ebholeni laseNingizimu Afrika izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.
Amajita awashaywa kulo mqhudelwano futhi awakangenelwa yigoli ekudluleni kwawo kwiMauritius neSwatini. Igoli alifake kowamanqamu lishaywe wumgadli we-Orlando Pirates, uLyle Foster.
“Singabaqeqeshi sijabule ngesikwenzile uma sibheka isikhathi esibe naso ukwenza amalungiselelo. Imiphumela yethu iyasijabulisa, sidlala ibhola elihle futhi siyawashaya namagoli amahle nakho-ke ukuthi asikangenelwa yigoli. Lokhu kukhombisa isifiso esinaso sokuba elinye lamaqembu amajuniya ahamba phambili ezwenikazi. Sekumele siqhube siyibambe ukuqedela lo msebenzi,” kusho uSenong kwiSafa.net.
IZimbabwe abadlala nayo ihlule iZambia ngo 2-1 kowandulela owamanqamu.
“IZimbabwe ilethe iqembu eliqinile, siyayihlonipha. Kuzomele siyihlaziye kahle ukuze sikwazi ukuyihlelela siqhamuke neqhinga elizosisebenzela. Uma kubhekwa konke ukuthuthukiswa kwabadlali yikona okuzogqama nokuhamba phambili,” kuphetha uSenong.