Isolezwe

Amajita angase aqhubeke lapho kugcine khona iBanyana

- LUNGILE MAJOKA

IQEMBU lebhola lesizwe labafana abaneminya­ka engaphansi kuka20 lisethuben­i lokuqhubek­a lapho kugcine khona iBanyana Banyana ngokuletha injabulo kubathandi bakanobhut­shuzwayo.

Amajita azolwela ukuvikela isicoco sawo seCosafa Under 20 Championsh­ip eseZambia. Amajita, aqeqeshwa nguThabo Senong, azifake kowamanqam­u ngokushaya i-Angola ngo 1-0 kowandulel­a owamanqamu ngoLwesibi­li.

Azobhekana nomakhelwa­no iZimbabwe kowamanqam­u namuhla eNkana Stadium ngo3.30 ntambama. Uma ebuya naso isicoco, azobe ehamba ezinyathel­weni zosisi bawo iBanyana, ebuyise ithemba ebholeni laseNingiz­imu Afrika izibekisel­a indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.

Amajita awashaywa kulo mqhudelwan­o futhi awakangene­lwa yigoli ekudluleni kwawo kwiMauriti­us neSwatini. Igoli alifake kowamanqam­u lishaywe wumgadli we-Orlando Pirates, uLyle Foster.

“Singabaqeq­eshi sijabule ngesikwenz­ile uma sibheka isikhathi esibe naso ukwenza amalungise­lelo. Imiphumela yethu iyasijabul­isa, sidlala ibhola elihle futhi siyawashay­a namagoli amahle nakho-ke ukuthi asikangene­lwa yigoli. Lokhu kukhombisa isifiso esinaso sokuba elinye lamaqembu amajuniya ahamba phambili ezwenikazi. Sekumele siqhube siyibambe ukuqedela lo msebenzi,” kusho uSenong kwiSafa.net.

IZimbabwe abadlala nayo ihlule iZambia ngo 2-1 kowandulel­a owamanqamu.

“IZimbabwe ilethe iqembu eliqinile, siyayihlon­ipha. Kuzomele siyihlaziy­e kahle ukuze sikwazi ukuyihlele­la siqhamuke neqhinga elizosiseb­enzela. Uma kubhekwa konke ukuthuthuk­iswa kwabadlali yikona okuzogqama nokuhamba phambili,” kuphetha uSenong.

 ??  ?? THABO SENONG
THABO SENONG
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa