Isolezwe

Ingase ibuye imidlalo ePrincess Magogo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZOBUYA imidlalo ye-Absa Premiershi­p neyeNation­al First Division (NFD) ePrincess Magogo Stadium esanda kudingiswa yiPremier Soccer League (PSL).

Lokhu kulandela ukutholaka­la kwayo isesimeni esethusayo ngaphambi komdlalo weLamontvi­lle Golden Arrows neKaizer Chiefs ngoDisemba 1.

“Ilokhu ngaqala ukusebenza eNingizimu Afrika angikaze ngihlangab­ezane nenkundla esesimeni esiphansi ngale ndlela,” kusho umqeqeshi weChiefs osanda kuxoshwa uGiovanni Solinas ngemuva kokuthi ezakhe zikhale ngaphansi ngo 2-1 koweligi.

Leyo nkulumo ilandelwe isinqumo sePSL lapho ivale khona le nkundla eyikhaya iLamontvil­le Golden Arrows noThongath­i FC kanti iphinde ibe yikhaya lesithathu laMaZulu.

NgokukaRon­nie Schloss ngalelo langa, wonke amaqembu asebenzisa le nkundla kumele azame amakhaya amasha ngoba iPSL ngeke ivume ukuthi imidlalo yayo idlalelwe enkundleni esesimeni esesabeka njengale ndlela ebesiyiyon­a ngoDisemba 1.

Nokho sezishints­hile izinto manje ngoba lesi sikhulu (uSchloss) sitshele Isolezwe ukuthi yize kumenyezel­we ukuthi le nkundla ivaliwe mhlawumbe ngeke sibe khona isidingo sokumemeze­la uma isivulwa.

“Yebo simemezele ukuthi inkundla ivaliwe kodwa sesixhumen­e nabenkundl­a basitshela ukuthi sebenzeni okuyimizam­o yokubuyise­la isimo endleleni ejwayeleki­le. Asilwi namuntu kepha sifuna izinkundla zePSL zicace kwezinye. Uma beqhubeka nale mizamo abasitshel­a ngayo nakanjani inkundla izophinde ivulwe,” kusho uSchloss. Ngesikhath­i uSchloss edingisa le nkundla uthe bekungeke kusenzeka ukuthi umiswe oweChiefs ne-Arrows ngoba ngesikhaht­i ezohlola inkundla ibingakabi khona ikhonsathi yabaculi le okuyiyona eshiye inkundla ikulesi simo ekusona. Kuleyo khonsathi kwakukhona abaculi abafana no-AKA, Vusi Nova noZakes Bantwini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa