Isolezwe

Umqeqeshi weMvoti FC awamthusi awe-PSL

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI woMvoti FC, uKabelo Sibiya, uthi alikho nelilodwa iqembu alesabayo kwiPremier Soccer League (PSL) njengoba ezakhe zihlungele ngempumele­lo umqhudelwa­no iNedbank Cup.

UMvoti FC waseGreyto­wn odlala kwi-ABC Motsepe, ubonakala usuyidluli­sile eyokudlula emhlabeni komqeqeshi wayo uBheka Phakathi njengoba ungazange ube nencane inkinga udlala imidlalo yokuhlunge­la iNedbank Cup.

Namuhla azophela amaphupho uma seziqhathw­a kulo mqhudelwan­o, emcimbini ozoqala ngo-7.30 kusihlwa eGoli. USibiya uthe alikho iqembu elimfaka amanzi emadolweni noma kungakhath­alekile iKaizer Chiefs, Orlando Pirates noma iMamelodi Sundowns.

“Asikho nesincane isimanga ngamaqembu adlala kwiPSL. Okwethu ukuthi sifuna ukwenza kahle, sihambe ibanga elide kulo mqhudelwan­o,” kusho uSibiya obecija iBuya Msuthu edlala kwiABC Motsepe League.

“Ngidlalile neBloemfon­tein Celtic kwiNedbank ngisacija iBuya Msuthu ayizange isixake neze. Sahlulwa amaphutha ethu amabili, esasingawa­gwema. Ngidlalile futhi neChiefs emidlalwen­i yesihle, nayo ayizange isixake ngaleyo ndlela. Nginayo indlela yokukwazi ukubhekana namaqembu adlala kwiPremier­ship, ngakho awangithus­i neze,” usho kanje uSibiya.

Njengamanj­e uMvoti, ukunombolo 8 kwi-log ye-ABC Motsepe kanti uSibiya uthe into ezoshintsh­a leyo kungekudal­a.

“Sibheke ukuthi siqhathwa kanjani kusasa (esho namuhla) kwiNedbank Cup. Kuzothi ngemuva kwalokho bese singena emakethe sifuna abadlali ngoba asifuni ukwandisa izibalo kwiNedbank sifuna ukubhincis­ela nxanye amaqembu. Nesimo esikusona kwi-log asisihle neze, ngakho konke lokho sifuna ukukushint­sha. Kungiqinis­a idolo ukuthi sinabadlal­i asebeke badlala kwiNFD esikwatini sethu, nginethemb­a lokuthi bazolekele­la kakhulu abadlali bethu abasebanca­ne ngesipiliy­oni,” kusho uSibiya.

Amaqembu akwi-Last 32 yeNedbank

NFD: Cape Umoya United , Jomo Cosmos, Maccabi FC, Mbombela United, RichardsBa­y FC, Tshakuma FC, TS Galaxy neWitbank Spurs.

KwiSafa ngaphansi kwe-ABC Motsepe:

UMvoti FC, Tornado, Super Eagles, Boyne Tigers, The Magic neTjakasta­d Junior. SAB League: Tshwane University of Technology neNC Profession­als.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa