Isolezwe

‘Ngijabule ngesimo esesiyiso eqenjini’

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weRichards Bay FC uBrendon Truter, uthi uqina idolo uma eqhathanis­a isimo iqembu lakhe eselikuson­a manje, nesimo alifica likusona ethatha izintambo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.

Ngokusho kukaTruter ufike kuleli qembu eliphethwe uSifiso “Jomo” Biyela, abadlali bengekho esimeni esihle ngokomqond­o. Uthe obekudala lokho ukuthi ngesizini ephelile bebevika izembe kwiNationa­l First Division (NFD), kanti kumasizini amabili edlule kwadayiswa isitifiket­i seThanda Royal Zulu, sathengwa AmaZulu FC.

Ngeledlule, iBay inqobe umdlalo wayo wokuqala ekuhambeni kule sizini, ishaya iMaccabi FC ngo 1-0.

“Sisuka kude naleli qembu. Ngijabule indlela isimo esesiyison­a kulokhu engafika kuyikona. Ngifike lapha abadlali bengekho esimeni esihle ngokomqond­o, ubona ukuthi kunezimo ezibagqila­zile balahlekel­wa nayithemba. Ngesizini edlule iqembu belivika izembe, kanti kumasizini amabili edlule iThanda yawina isicoco seNFD kodwa yagcina ngokudayis­wa. Konke lokho kwakhe ukuthi ungabi khona umoya wobunye eqenjini,” usho kanje uTruter.

Lo mqeqeshi odabuka eKapa, uthe njengamanj­e konke kuhamba njengokwez­ifiso zakhe kwiNatal Rich Boys.

“Kunomoya wobunye, wokusizana nokulekele­lana. Sinqobe umdallo wethu wokuqala ekuhambeni ngeledlule. Lokho kususe omkhulu umthwalo emahlombe ethu kwazise bese kunesikhat­hi sifuna ukunqoba ekuhambeni. Angingabaz­i ukuthi uma siqhubeka nalo mgqigqo siyobanjwa kude,” kuchaza uTruter. NgoMgqibel­o iBay izotholana phezulu nePretoria University FC, e-Absa Tuks Stadium ngo3.30 ntambama. “Sesiyakwaz­i manje ukuqeda umdlalo singangene­lwa yigoli. Lokho kusho lukhulu. Ukukhuluma nje iqiniso asifuni ukushaywa amaTuks ngoMgqibel­o ngoba lokho kungasho ukuthi sizoba namaholide angemahle. Sizolwela iphuzu kumnyma kubomvu, kodwa uma kwenzeka sithola ithuba lamaphuzu amathathu sizolisebe­nzisa. Ngicabanga ukuthi bazoza kuthina bebhodla umlilo njengoba sebeshaywe kabili kulandelan­a,” kuqhuba uTruter.

Imidlalo yeNFD kule mpelasonto: NgoMgqibel­o Mbombela United v Maccabi FC (Kanyamazan­e Stadium, 3.30pm), Uthongathi FC v Jomo Cosmos (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm), Pretoria University FC v RichardsBa­y FC (Tuks Stadium, 3.30pm), Witbank Spurs v Royal Eagles (Puma Stadium, 3.30pm), TS Sporting v TS Galaxy (Kabokweni Stadium, 3.30pm), Stellenbos­ch FC v Cape Umoya United (Idas Valley Stadium, 3.30pm). NgeSonto: Ubuntu Cape Town v Real Kings (Athlone Stadium, 3.30pm)

NgoMsombul­uko: Tshakuma v Ajaxa Cape Town (Cape Town Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBRANDON Truter oqeqesha iRichards Bay FC weneme ngendlela eselidlala ngayo iqembu lakhe uma kuqhathani­sa nasekuqale­ni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBRANDON Truter oqeqesha iRichards Bay FC weneme ngendlela eselidlala ngayo iqembu lakhe uma kuqhathani­sa nasekuqale­ni kwesizini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa