Isolezwe

Bahlulwe isipho sikakhisim­usi abeStars

-

omqeqeshi obambile uDavid Vilakazi ongazange akufihle ukungenami kwakhe ngendlela abadlale ngayo kulo mdlalo.

Amagoli ePirates ashaywe uThembinko­si Lorch, Justin Shonga noLinda Mntambo, eleStars kube umkhonto ogwaze ekhaya kuHappy Jele.

UVilakazi ubambe izintambo ngemuva kokuthi i-Ea Lla Koto ikhombe indlela uLuc Eymael oyinqobele isicoco seNedbank Cup ngesizini edlule, iqembu laphinde laqeda kwi-Top 8.

Imibiko iveza ukuthi sekuqashwe uNikola Kavazovic okulindele­ke ukuthi abe eseqalile ukusebenza ngoJanuwar­i njengoba kusalindwe amaphepha akhe okusebenza. IStars izovula unyaka neBidvest Wits eGoble Park ngoJanuwar­i 5.

“Indlela amagoli angene ngayo nje. Elokuqala siyicubung­ule kaningi leya free kick kodwa akekho olandele umdlali okhahlelil­e (oshaye igoli). Kwelesibil­i abadlali basemuva sihlezi sibatshela ukuthi awukwazi ukuvele uwe nje ngoba lokho kuyabashod­isa ngaphandle uma unesiqinis­eko sokuthi uzoliwina ibhola. Ilokho okwenzekil­e, kwangena igoli. Nakwelesit­hathu esikhundle­ni sokuthi sigade umdlali ophethe ibhola okungenani aphumele ngaphandle kodwa siyamyeka,” kusho uVilakazi kwiSS4.

Ngaphambi kwemidlalo yayizolo iStars ibihleli endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu13.

“Kuzomele silungise indlela esingenelw­a ngayo amagoli. Ngale kokungahlo­niphi amaqembu esidlala nawo kodwa akukho lapho sihlulwe khona ngomdlalo. Wonke amagoli angena ngamaphuth­a ethu. Uma singakulun­gisi lokhu umzuliswan­o wesibili uzoba ngomude nonzima kakhulu kithina.”

UVilakazi umane waphelelwa ngamazwi uma esechaza uSibusiso Masina othole ikhadi elibomvu kade esanda kungena. Ngaleso sikhathi bekwu 2-1.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa