Isolezwe

Ikhonsathi yokusiza abaphase u-matric abaswele imali

- CHARLES KHUZWAYO

IZIHLABANI zomculo kamaskandi eziyinkukh­u nempaka, uKhuzani ‘Indlamlenz­e’ Mpungose noMthanden­i ‘Igcokama Elisha’ Manqele zizoke zikhohlwe ukungcofan­a kodwa zibambe iqhaza ekuqongele­lweni kwemali yokusiza abantu abantulayo.

Labo maskanda abasanda kukhipha amaCD abo Inhlinini Yexolo 2 nethi Ubisi bazobe benandisa kwiDr 3 Seconds Internatio­nal Music Festival eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngoMgqibel­o kusukela ngoekuseni. Umthandazi waseMevamh­lophe eMpangeni futhi owayengump­etha wesibhakel­a kuleli, uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana, uthe inhloso yalo mcimbi akukhona ukugwiliki­sa abantu kodwa ukuqongele­la imali yokusiza abantwana abaphase kahle kodwa abangazi bazothatha­ni bahlangani­se nani. Uthe ziningi izingane zasemakhay­a ezibhuquza nemiphumel­a emihle ka-matric ngenxa yokushoda ngemali yokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Uthe kulo mcimbi bazobuye banxenxe uhulumeni ukuba aphonse itshe esivivanen­i ekulweni nokukokote­lwa komculo. Kulo mcimbi kuzobe kusina kudedelana izingwazi zakuleli oCassper Nyovest, Duncan, Mshoza, Khuzani, Sjava, Mroza Fakude, Mfiliseni Magubane, Qhosha, Buselaphi, Zulu Messengers, Phuzekhemi­si, Mkhathazi, Amageza Amahle, Osaziwayo, Mzukulu kaSdwedwe, Thokozani Langa, Ali Mgube nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe ngabasakaz­i boKhozi FM uMdonso, Zimdollar, Kini Shandu, Nomkeleman­e noTshatha Ngobe. Amathikith­i alo mcimbi abiza kusukela kuR100 kuya kuR500.

*Khonamanja­lo uKhuzani, Igcokama Elisha, Tshatha, Nomkeleman­e, Qhosha nabanye bazobe beshiyelna inkundla kwiNyus’iVolume ezinkundle­ni zemidlalo zaseMelmot­h namhlanje. 10

 ??  ?? RICK ROSS
RICK ROSS
 ??  ?? KHUZANI
KHUZANI
 ??  ?? IGCOKAMA ELISHA
IGCOKAMA ELISHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa