Isolezwe

Ucasulwe ukufeyila wazidubula washona

- PHILI MJOLI

UZIDUBULE ngesibhamu sikayise, izolo umfundi waseMlaza okuthiwa ubephathek­e kabi ngenxa yokuthi ufeyilile.

Lo mfundi (16) wentombaza­ne obefunda uGrade11 eGanges Secondary, ngaseMereb­ank kuthiwa uthole ukuthi ufeyilile ngoLwesith­athu.

Umthombo waleli phephandab­a osondolene nomndeni, uthe lo mfundi ubehleli noyise kuphela izolo, unina esemsebenz­ini. Uyise okuthiwa ubesazumek­ile ngoba ubesebenza ebusuku, kuthiwa uvuswe ukuqhuma kwesibhamu endlini engaphandl­e.

“Isibhamu besikhiyel­we esisefeni. Sisola ukuthi ingane intshontsh­e ukhiye waso yakhipha isibhamu uyise engaboni, yasifaka ezingubeni ebiqeda kuziwasha.

Iphume nazo izingubo ngoba ibiziwashe­la endlini yokugeza, endlini enkulu obekulele kuyo uyise, sengathi iyozineka. Izishiye eduze kukalayini yangena endlini engaphandl­e, yazidubule­la khona yashona. Kuthiwa ishiye incwadi okuyiyona ababone kuyo ukuthi uzibulale ngoba efeyilile kodwa bengingaka­yiboni,” kusho umthombo.

Uthe lesi senzo sibashaqis­e kakhulu ngoba le ngane ibingakhom­bisi ukuthi ingase yenze okubi yize izwile ukuthi ifeyilile ngoba iriphothi layo lilandwe ngoLwesith­athu.

UCapt Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi intombazan­e eneminyaka ewu-16 itholakale ishonile kubo inenxeba lokudutshu­lwa esiphongwe­ni. Amaphoyisa ayaphenya.

UMnuz Muzi Mahlambi woMnyango wezeMfundo eKZN uthe bayazwelan­a nomndeni kanti ezikoleni banesifund­o iLife Orientatio­n, abafundi abafundisw­a kuso ngezinto ezithinta impilo.

Uthe kwesinye isikhathi kusuke kunezinye izimo ezenza umfundi azibulale kungesikho ukufeyila kuphela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa