Isolezwe

Babanjwe oKlebe begwaza abe-ANC

- INTATHELI YESOLEZWE

LIBASHONEL­E abaholi be-ANC baseZulula­nd ngesikhath­i bebanjwa oqotsheni oKlebe izolo bezama ukugwazela ikhansela le-DA ngoR20 000.

Laba baholi abathathu asagodliwe amagama abo, kuthiwa babanjwe eVryheid Junction, eWimpy beyogwazel­a leli khansela ukuze lingayi emhlanganw­eni wokuchitha uSomlomo we-IFP kaMasipala waseBaqulu­sini, uMnuz Mkhonyovu Khumalo.

Lokhu bekuzokwen­za ukuba isibalo sivune i-ANC bese ikhipha uKhumalo ngevoti emhlanganw­eni obuyizolo.

Umholi weDA KwaZuluNat­al, uMnuz Zwakele Mncwango uthe babikelwe ikhansela labo ngalo mkhonyovu base bebikela oKlebe.

“Baqale bamthembis­a uR100 000 kodwa babuye bathi kunoNgqong­qoshe ozomqasha emnyangwen­i othile. Sibize oKlebe sacela ithimba likazwelon­ke, oKlebe bahlale kusuka ngoLwesith­athu. Ikhansela lethu bese silitsheli­le ukuthi alifune imali ngoba yiyo ebizoba nobufakazi obubambeka­yo. Nokho ubengeyedw­a kulesi simo kodwa kukhona amakhansel­a amabili okungele-IFP neleEFF nawo abethenjis­we imali. Lawa makhansela awezanga emhlanganw­eni afake izincwadi zokugula. Ikhansela belitshelw­e ukuthi uma selinikwe imali kuzomele liqambe amanga lithi liseGoli,” kusho uMncwango.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe abasolwa baboshelwe inkohlakal­o bazovela namuhla enkantolo.

Umkhulumel­i we-ANC, u-Advocate Nomagugu Simelane Zulu ethintwa uthe bebengakab­i nalo ulwazi ngabaholi babo ababoshiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa