Isolezwe

Inkinga ngohlelo ‘olufeyilis­a’ abafundi

- MHLENGI SHANGASE

SEKUQUBUKE izikhalo ngohlelo loMnyango wezeMfundo lokugcina imininingw­ane yabafundi kuphinde kufakwe namamaki kulona ukuze kwenziwe amaripothi, iSouth African School Administra­tion and Management System (SA-SAMS) okuthiwa lufeyilisa abafundi.

Othisha bakhala ngokuthi lolu hlelo kwesinye isikhathi lwehlisa amamaki abafundi, lukhipha amaripothi anezifundo ezingaphel­ele, kwesinye isikhathi kuphume amaripothi anezifundo okungezona ebezenziwa ngumfundi.

Omunye wothishanh­loko ocele ukungavezw­a, uthe luyinkinga lolu hlelo ngoba ngisho abasebenza ngalo abakwazi ukukuchaze­la uma selukhipha izinto ezingaqond­ile.

Uthe lunamaphut­ha amaningi wathi uma unganakile abafundi luyabafeyi­lisa.

“Luyinkinga ngoba thina sigcwalisa yonke into bese siyihambis­a ehhovisi lesifunda ukuze kube yilo elifaka lolu lwazi kwiSA-SAMS. Kubuya inqwaba yamaphutha, umnyango kumele wenze ngenye indlela.”

Omunye umzali oshayele Isolezwe wacela ukungavezw­a, uthe ingane yakhe ifeyile uGrade 10 ngoba ifeyile isiZulu ekubeni unyaka wonke ibisiphasa lesi sifundo.

“Ubuye neripothi elithi ufeyilile ngaya esikoleni, uthishomkh­ulu wangitshel­a ukuthi akubanga iphutha labo kodwa imiphumela ekhishwe yiSASAMS. Ngicele ukubona iphepha alibhala uthishomkh­ulu wathi angifake isicelo emnyangwen­i,” kusho umzali.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe bayazi ngezinking­a ngalolu hlelo wathi babhalele uNgqongqos­he kazwelonke uNkk Angie Motshekga, befuna alubhekisi­se ngoba uhlelo olusetshen­ziswa ngumnyango kazwelonke. Uthe izikole ziyakhala ngamaphuth­a kulona wathi luqhatha izikole nabazali. “Izikole kumele zizibalele ngoba uma zithembele kulolu hlelo maningi amaphutha. Kumele lubhekisis­we ikakhulu njengoba kunezikhal­o ngalo.”

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe mningi umsebenzi obhekene nothisha ngoba ezikoleni ezingenabo omabhalane kudingeka kube yibona abafaka imininingw­ane kumakhompy­utha.

Ululeke umzali ukuthi atshele isikole ukuthi simtshengi­se iphepha elibhalwe ngumfundi ngoba unelungelo lokuthi uma engeneme ngemiphume­la atshengisw­e ukuthi ingane yakhe ibhale kanjani.

Okhulumela umnyango eKZN, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe lolu hlelo lukhipha imiphumela esuke ifakwe othisha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa