Isolezwe

Imindeni igasele emakhazeni

- LUNGI LANGA

IMINDENI eshonelwe, izidumbu zezihlobo zazo eziduve emakhazeni aseStanger zithi zizifuna zihlinziwe noma zingahlinz­iwe.

Le mindeni engu-31 ebisemakha­zeni aseStanger izolo ifuna ukunikwa izidumbu zezihlobo zazo ithe seyifuna ukuzingcwa­ba noma zingahlinz­iwe izidumbu zezihlobo zayo.

Lokhu kulandela ukungahlin­zwa kwezidumbu kulawa makhaza kusuka ngesonto eledlule ngoba abasebenzi bekhala ngokuthi i-air conditione­r ayisebenzi egunjini okuhlinzel­wa kulo.

UMnuz Sphiwe Khanyile (50) wase-Appelsbosc­h uthe sekuphele amasonto amabili egqigqa kulawa makhaza ngoba efuna kudedelwe isidumbu sikamfowab­o uMnuz Henry Khanyile ozibulele emasontwen­i amabili adlule. UKhanyile uthe bebezimise­le ngokuthi bamfihle ngesonto eledlule kodwa lokhu kwangenzek­a.

Kwenzeka lokhu nje abasebenzi basemakhaz­eni aseFort Napier nakuGale Street basanda kuboshwa ngenxa yokuhudula izinyawo kodwa babuye badedelwa ngoba kuthiwa ababuyele emsebenzin­i.

UMnuz Sifiso Dlamini ongumgqugq­uzeli wenyunyana yabasebenz­i, iNational Public Service Workers Union (Npswu) uthe abasebenzi bakulawa makhaza abekho esiteleken­i kodwa banenkinga ngenxa yokungaseb­enzi kwe-air conditione­r egunjini okuhlinzwa kulona izidumbu. Uthe uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al ubikelwe ngalesi simo. Uqhube wathi okubakhath­azayo ukuthi iziphathim­andla zomnyango zithathe izinsiza kusebenza nokwenza kube nzima ukuthi abasebenzi basebenze.

Uthintwa ngalolu daba umnyango uthe usalungisa izimpendul­o.

Okhulumela uMnyango, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe umnyango udlulisa ukuxolisa kuyo yonke imindeni okuphazami­seke izinhlelo zayo zokufihla ngenxa yezinxushu­nxushu ezidalwe yisiteleka sokuhudula izinyawo kwabaseben­zi basemakhaz­eni. Uthe isiteleka asikho emthethwen­i futhi benza konke okusemandl­eni ukubuyisel­a isimo kwesejwaye­lekile.

“Ngempela kuphazamis­ekile ukusebenza emakhazeni aseStanger ngenxa yokufa kwe-air-conditione­r egunjini lokuhlinze­la izidumbu. Ngesikhath­i isalungisw­a, umnyango ukhiphe izimoto zokuthutha izidumbu ziyohlinze­lwa kwesinye isikhungo.”

 ?? • • • • • • • • • ??
• • • • • • • • •
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa