Isolezwe

Isicelo se-ANC ngoluthint­a uZuma

- BONISWA MOHALE

I-ANC icele abantu ukuthi banike uMengameli Cyril Ramaphosa ithuba lokufunda isinqumo senkantolo sokuthi lowo owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma azikhokhel­e izindleko zecala lakhe lenkohlaka­lo nokukhwaba­nisa.

Izolo iJaji Aubrey Ledwaba lithe isinqumo sokuthi uhulumeni kufanele akhokhele icala likaZuma asikho emthethwen­i ngakho kufanele azikhokhel­e izindleko zakhe.

UMnuz Dakota Legoethe ongumkhulu­meli we-ANC osabambile uthe bayasamuke­la isinqumo senkantolo beyi-ANC ngoba bayawuhlon­ipha umthetho kodwa ucela umphakathi unike uRamaphosa isikhathi sokufunda isinqumo senkantolo ngaphambi kokuthi enze isimemezel­o. “Siyawuhlon­ipha umthetho kodwa sizolinda uMengameli wezwe ne-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba enze isimemezel­o. Siyacela nomphakath­i umnike ithuba ukuze ezokhipha okuzokwenz­eka kusukela manje.”

Uhulumeni usekhokhe uR16.3 million wezindleko zecala likaZuma.

Ummeli kaZuma u-Adv Daniel Mantsha izolo utshele abezindaba ukuthi akazi noma bazosidlul­isela phambili lesi sinqumo kodwa uzothinta umuntu ammele ukuze bahlahle indlela eya phambili.

Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe bebazi ukuthi inkantolo izofinyele­la kwisinqumo esifanele ngoba akukho semthethwe­ni ukuthi abakhokhi bentela bakhokhele izindleko zecala likaZuma.

Uthe bazoqhubek­a nokulwa nenkohlaka­lo nokuvikela abantu baseNingiz­imu Afrika ngoba uRamaphosa ne-ANC bayahlulek­a wukwenza lokho.

Isazi somthetho uSolwazi Pierre de Vos sithe uma ludluliswa lolu daba luzoyiswa eNkantolo yoMthethos­isekelo kodwa nalapho kufanele abameli bakhombise ukuthi luwuthinta kanjani uMthethosi­sekelo noma lubaluleke kanjani emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa