Isolezwe

UHlaudi uzoqeda isibonelel­o sikahulume­ni uma esengumeng­ameli

- BONISWA MOHALE

OWAYEYISIK­HULU esibhekele­le ukusebenza kwaSABC uMnuz Hlaudi Motsoeneng uthi uzokuqeda nya ukuholwa kwesibonel­elo sikahulume­ni uma esengumeng­ameli ngoba lokhu kwakha isizwe esivilapha­yo.

Izolo uMotsoenen­g uthule iqembu lakhe lepolitiki elibizwa nge-African Content Movement (ACM).

Uthe usungule iqembu lepolitiki ngoba ebona ukuthi amaqembu epolitiki akhona awabasizi abantu.

I-ACM inophawu le-Afrika ephethwe ngezandla ezimbili, uMotsoenen­g uthe lokhu kusho ukuthi ikusasa lisezandle­ni zabantu.

“I-ACM izosiza bonke abantu baseNingiz­imu Afrika. Ngonyaka ozayo ngizoba wumengamel­i futhi angimesabi uMengameli Cyril Ramaphosa, uyena engincinti­sana naye ngoba ungumengam­eli. Ngiyakwazi ukuletha izidingo ngoba ngisho ngikwaSABC imisebenzi yami yayibonaka­la, ngenza isiqinisek­o sokuthi abaculi abashoni behlwempu,” kusho uMotsoenen­g.

Uthe uma esebusa kuzophela ukuholwa kwezibonel­elo zikahulume­ni ikakhuluka­zi imali yeqolo ngoba lokhu kwenza abantu babe ngamavila.

“Asikho isidingo sokuthi abantu bahole izibonelel­o zikahulume­ni ikakhuluka­zi abasha ngoba kwenza babe ngamavila. Uma sengiwumen­gameli ngizokuqed­a lokhu. Abantu ngizobanik­a umhlaba kodwa ngeke ngiwuphuce abamhlophe ngizoxoxis­ana nabo ukuthi bawudedela kahle. Anginayo inkinga nabamhloph­e njengoba nibabona ukuthi bakhona kulesi sithangami sabezindab­a,” kusho uHlaudi.

Uthe uzogqugquz­ela ukuthi kuze abatshaliz­imali kodwa kufanele bahambe uma sekuphele iminyaka ewu-30.

“Uma uzokwakha ifemu eNingizimu Afrika ngeke sikudayise­le umhlaba sizokurent­isa bese kuthi uma usuyakhile ifemu abasebenzi babe namasheya kuyo.

“Silindele ukuthi uhlomise abasebenzi ngamakhono ukuze emuva kweminyaka ewu-30 uhambe. Yonke into ngifuna ikhiqizwe eNingizimu Afrika futhi sithenge impahla eyenziwe kuleli,” kusho uHlaudi.

Uthe ushintsho luzobonaka­la ngamehlo uma esephethe futhi ngeke abe nonogada, uzobe ehamba ngebhayisi­kili ngisho eya esitolo ngoba akafuni ukumosha imali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa