I-ANC iguqise i-IFP
I-ANC iguqise i-IFP okhethweni lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu kuMasipala waseMtubatuba, ngoLwesibili.
Lolu khetho luqalwe phansi ngemuva kokuthi i-ANC yafaka isimangalo ngokhetho obelubanjwe ngoMeyi lapho kwanqoba khona i-IFP. I-ANC yakhala ngokuthi i-IFP yavotisa nabantu abangahlali endaweni okwakubanjelwe kuyo ukhetho.
I-ANC iphinde yabuyisa i-ward yayo nakuMasipala i-Alfred Duma eMnambithi nakhona obekunokhetho lokuchibiyela. Nakwezinye izifundazwe obekunokhetho lokuchibiyela, i-ANC iphinde yenza kahle yaphumelelA ezindaweni eziningi.
Ibamba lomkhulumeli we-ANC kuzwelonke, uMnuz Zizi Kodwa uthe uKhongolose ujabule ngemiphumela yokhetho lokuchibiyela obeluqhubeka ezweni lonke ngoLwesibili.
“Sizizwa sithobekile ngendlela abantu abakhombise ukusithemba ngayo okhethweni lokuchibiyela obeluqhubeka ezweni lonke, eGauteng, i-ANC ibuyise i-ward yayo kuMkhandlu waseTshwane ngamavoti angu-63.88%, KwaZuluNatal siphinde sabuyisa i-ward yethu kuMasipala i-Alfred Duma kwathi eMtubatuba sanqoba i-ward ebiphethwe yi-IFP,” kusho uKodwa.
UKodwa uthe le miphumela iyahambisana nombiko weSouth African Institute of Race Relations oveza ukuthi siyakhula isibalo sabantu abaseka i-ANC ngesikhathi sehla esabaseka iqembu eliphikisayo iDA.
Khonamanjalo ohlwini lwabantu abangu-120 abaphakanyiselwe ukuthi baye ePhalamende likazwelonke engqungqutheleni yesifundazwe ebiseDUT kuleli sonto, alisalanga igama likaNgqongqoshe wezabesiFazane ehhovisi likaMengameli uNkk Bathabile Dlamini nelikaMnuz Malusi Gigaba, uMnuz S’dumo Dlamini owayengumengameli weCosatu nabanye. Abanye babaholi baphakanyisiwe ukuya esiShayamthetho sesifundazwe ngemuva kokhetho okunamagama angu-80, kubalwa iPhini likaNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, uSihlalo wophiko lwentsha lweANCYL uMnuz Kwazi Mshengu, Nksz Vuyiswa Caluza, Mnuz Sbonelo Mtshali oyiPhini likaSihlalo we-ANCYL nabanye. Uphiko lwentsha lwathi lufuna abantu abasha babe yingxenye yabazojutshelwa esiShayamthetho.