Isolezwe

Umnyango mawuxazulu­le eka-Uber nosomateki­si

-

LIZOBHOBOK­A futhi libhibhe leli thumba eselivuthi­we lengxabano elokhu iqhubeka phakathi kwabamatek­isi nabezimoto zo-Uber noTaxify.

Uma uMnyango wezokuThut­ha ungangenel­eli ngokushesh­a kule ngxabano sibona kungase kubheduke enye inkinga ezophetha kabi.

Imboni yezokuthut­ha eNingizimu Afrika ibaluleke kakhulu njengoba ezokuthuth­a zisetshenz­iswa yizigidi zabantu.

Amatekisi iwona asetshenzi­swa kakhulu nokwenza imboni yamatekisi idume ngokwenza imali.

Kepha okunye edume ngakho le mboni wudlame oseludlule nenqwaba yemiphefum­ulo yabantu nokusabisa abaningi ukungena kuyo.

Namanje sisabika ngokusocon­gwa kosomateki­si ezindaweni ezehlukene, ikakhuluka­zi KwaZuluNat­al.

Sekukhalwe kaningi ngokuthi ematekisin­i izinkinga zakhona zixazululw­a ngesibhamu, KwaZulu-Natal uMnyango wezokuThut­ha usungenele­le izikhawu eziningi uzama ukuqeda udlame ematekisin­i nokuthola izisombulu­lo ezinkingen­i okukholaka­la ukuthi zibanga noma zibhebheze­la udlame.

Ngenxa yomlando ongemuhle, ukusabeka nokuduma kabi kwale mboni, sibona kunesiding­o sokuthi lo mnyango uphinde ungenelele kule ngxabano esiqubukil­e phakathi kwabashaye­li bo-Uber nabamateki­si.

Sisanda kubika ngabashaye­li bakwa-Uber noTaxify KwaMashu abaye esiteshini samaphoyis­a beyokhala ngokuhlase­lwa ngosomatek­isi ababasola ngokuntsho­ntsha abagibeli babo.

Bathi kulinyazwa izimoto zabo futhi bamiswa ngisho bezihambel­a nemindeni yabo besatshisw­a ngosomatek­isi.

Ngakolunye uhlangothi usosesheni waKwaMashu usola laba bashayeli ngokungena erenki bathathe abagibeli nokuyinto engavumele­kile.

Sinovalo lokuthi le ngxabano uma inganqandw­a manje kungase konakale isiphetho kube yizinyembe­zi.

Ukufika ko-Uber noTaxify kuyinto enhle evula amathuba omsebenzi futhi eyenza abagibeli babe nezindlela ezilula zokuhamba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa