Umnyango mawuxazulule eka-Uber nosomatekisi
LIZOBHOBOKA futhi libhibhe leli thumba eselivuthiwe lengxabano elokhu iqhubeka phakathi kwabamatekisi nabezimoto zo-Uber noTaxify.
Uma uMnyango wezokuThutha ungangeneleli ngokushesha kule ngxabano sibona kungase kubheduke enye inkinga ezophetha kabi.
Imboni yezokuthutha eNingizimu Afrika ibaluleke kakhulu njengoba ezokuthutha zisetshenziswa yizigidi zabantu.
Amatekisi iwona asetshenziswa kakhulu nokwenza imboni yamatekisi idume ngokwenza imali.
Kepha okunye edume ngakho le mboni wudlame oseludlule nenqwaba yemiphefumulo yabantu nokusabisa abaningi ukungena kuyo.
Namanje sisabika ngokusocongwa kosomatekisi ezindaweni ezehlukene, ikakhulukazi KwaZuluNatal.
Sekukhalwe kaningi ngokuthi ematekisini izinkinga zakhona zixazululwa ngesibhamu, KwaZulu-Natal uMnyango wezokuThutha usungenelele izikhawu eziningi uzama ukuqeda udlame ematekisini nokuthola izisombululo ezinkingeni okukholakala ukuthi zibanga noma zibhebhezela udlame.
Ngenxa yomlando ongemuhle, ukusabeka nokuduma kabi kwale mboni, sibona kunesidingo sokuthi lo mnyango uphinde ungenelele kule ngxabano esiqubukile phakathi kwabashayeli bo-Uber nabamatekisi.
Sisanda kubika ngabashayeli bakwa-Uber noTaxify KwaMashu abaye esiteshini samaphoyisa beyokhala ngokuhlaselwa ngosomatekisi ababasola ngokuntshontsha abagibeli babo.
Bathi kulinyazwa izimoto zabo futhi bamiswa ngisho bezihambela nemindeni yabo besatshiswa ngosomatekisi.
Ngakolunye uhlangothi usosesheni waKwaMashu usola laba bashayeli ngokungena erenki bathathe abagibeli nokuyinto engavumelekile.
Sinovalo lokuthi le ngxabano uma inganqandwa manje kungase konakale isiphetho kube yizinyembezi.
Ukufika ko-Uber noTaxify kuyinto enhle evula amathuba omsebenzi futhi eyenza abagibeli babe nezindlela ezilula zokuhamba.