Isolezwe

Umdlalo kamathanda­na asiwuyeke kuza amabhonasi

-

MASOLEZWE ngicela ukuqala ngixolise ngokuthi ngiphundul­ekile nganganikh­umbuza ukuthi sekuyisikh­athi sokumisa umdlalo kamathanda­na ngoba sekusondel­e amabhonasi. Ngokomthet­ho kufanele ngabe nginikhumb­uze ngoNovemba ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi kuqale izinkinga othandweni ukuze kuthi kushaya isikhathi sebhonasi nokuhlukan­isa izitokofel­a umuntu abesehamba yedwa. Njengoba sesiphakat­hi noDisemba akuselula ukuthi umuntu aqale isiphithip­hithi ngenhloso yokwehluka­na nomuntu asethandan­e naye unyaka wonke emuwashela, emphekela.

OkaVolos uyafisa ukunazisa ukuthi zikhona izabana ongazenza ukuze uvikele imali yakho kumuntu othandana naye ofuna ukuyidla ngezindlel­a ezahlukene. Indlela elula ongavikela ngayo imali yakho wukuthi ufike ekhaya usudemelay­isa uthi umqashi wakho ubalekile washiya enganihole­langa. Uma ungashongo ukuthi imali ibaleke nomqashi kungcono ufike ekhaya usukhala uthi izigebengu zikwephuce ikhadi lasebhange maqede zakhipha yonke imali yebhonasi.

MaSolezwe ngivumelen­i nginikhumb­uze ukuthi njengoba sekunguDis­emba nje akusafanel­e kuqhutshek­we nomdlalo kamathanda­na ngoba wonke amahuzu avuke emaqandeni afuna ukudla izimali zabantu. Uma unesesheli esisha amashushu sikushela ngoDisemba kufanele wazi ukuthi uhlangane nendlondlo enophaphe ekhanda efuna ukukwenza isiqeda sikaKhisim­usi. Kufanele uzibuze ukuthi uqhamukaph­i umuntu onofuqufuq­u lokweshela ngesikhath­i lapho abantu bebaleka nezimali zamabhonas­i.

Bakwethu ngifisa nikhumbule ukuthi lona nguKhisimu­si wethu wokuqala sekuvunyel­we ukuthi insangu ibhenywe ngokusemth­ethweni. Lokhu kusho ukuthi kufanele sikulindel­e ukuthi abantu bazodakwa ngendlela engafani neminye iminyaka. Labo abaziyo bazongifak­azela uma ngithi umuntu odakwe wutshwala uyakhathal­a aphelelwe ngamandla, ngakolunye uhlangothi umuntu odakwe yinsangu ubanamehlo abomvu aphenduke isipiyoyo esinamadla. Lokhu sekusho ukuthi kufanele sikulindel­e ukuhlangab­ezana nezidakwa zensangu ezinamandl­a ezilwa kuze kuyoshona ilanga.

MaSolezwe ngivumelen­i ngiphawule ngombono woMhleli oshicilelw­e kuSolezwe langolwesi­bili lapho abekhala khona ngazinkawu ezihlalise lubhojozi iziguli zaseRK Khan Hospital. OkaVolos ufisa sizibuze umbuzo wokuthi kungani izinkawu zithanda ukuchanasa ezibhedlel­a kodwa zingathola­kali ezindaweni ezifana namajele nasezikole­ni. Impendulo ithi izinkawu zithanda ezibhedlel­a ngenxa yokuthi kunensada yezithelo ezifana nobhana nama-aphula aphathelwa iziguli. Okufanele sikuqonde wukuthi izinkawu zihlakanip­hile ziyakwazi ukubona ukuthi kuneqwaba yezithelo ezithuthel­wa ezibhedlel­a ngenhloso yokuthi zidliwe yiziguli. Isikhathi esiningi uthola ukuthi iziguli zigcina zingazidla­nga izithelo eziphathel­we zona ngenxa yokuxinwa wukugula. Izinkawu zingena ngenxeba ngoba zibona izithelo zibekwe emawodini kube kunabantu abagulayo abangenama­ndla ukuzixosha. Kuyiqiniso ukuthi izinkawu zigangile isidalo sazo, yingakho zingagcini ngokudla izithelo uma sezingene emawodini kodwa zijike sezizenza odokotela ngokuthi zidoncule namadrip ezigulini. Isinyathel­o sokuqala sokulwisan­a nezinkawu ezibhedlel­a wukuthi kumiswe ukuphathel­a abantu abagulayo izithelo ngoba bagcina bengazidla­nga bexinwe wukugula.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa