Isolezwe

Lungisa Meya yeTheku konakele eMlaza

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngithi ake ngiphefumu­le nami nakhu sidlala abantu sibhekile bo!

Okokuqala angikuveze ukuthi iqiniso alifuneki, liyababa, yingako nalolu daba kungenzeka lungashici­lelwa.

Ngicela ukusho ukuthi siphethwe izehluleki kulesi sifunda sethu, kulo mkhandlu waseThekwi­ni ohlonishwa kangaka. Ngake ngaba nethemba ubaba uWillies Mchunu ethatha isikhudla sokuba uNdunankul­u lapho alibeka ngembaba elokuthi uzoqondana ngqo namaDelang­okubona. Ngiyabona umama uGumede wamdonsela engxenye wamtshela ngezinhlos­o zakhe ngamaDelan­gokubona.

OkamaCingw­ane manje uthule uthe du, amaDelango­kubona ezichanase­la nje. Ngesonto eledlule kwa-W eMlaza bakhiphele umuntu izibhamu, bathi bazomdubul­a akabazi bona. Bayaziwa laba bantu ngoba abaseMlaza iningi labo. Nakhu ngolwesiHl­anu sebelimaza amabhokisi amathenda.

Isiphumile esandleni le ndaba yamaDelang­okubona. Bhasobha mama Zandile Gumede, sikubhekil­e. Sengathi ufuna ukwakha ama “mafia” aseNingizi­mu Afrika. Wake wabonaphi abantu baphule umthetho baziwa kodwa bayekwe bebe bengaqali? Lokho kuyinkomba yokuthi baqhamuka kubaphathi besifunda. UMlaza awusathuth­uki ngabo laba bantu.

Lungisa mama Gumede konakele eMlaza! Thina siyawuthan­da lo Mlaza wethu, size sithande ngisho eNanda koMawoti lapho uzalwa khona kodwake lokhu osilethele khona akwenzi kahle yingakho singakutha­ndi.

Kulesi sifunda silwe kakhulu, manje laba bantu banezibham­u ziyabashis­a ngoba abakaze balwe. Abayazi impi, bazi ukuthi kuyadutshu­lwa kuphela. Sesicela angenelele uMacingwan­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa