Isolezwe

Abazali abafake isiko lokufunda ezinganeni zabo, bangayekel­eli nje kothisha

-

D A Nhlangulel­a MHLELI: Siyacela abazali bezingane zesikole babe neqiniso njengoba sekuzophum­a imiphumela yokuphela konyaka. Umuntu uvuna akutshalil­e. Kunohlobo lwabazali othisha abangafisa ukuhlangan­a nalo baze bafise nokuthi ingane zabo zingafeyil­i.

Izingane zabo ziyahlupha esikoleni, azibahloni­phi othisha nemithetho yesikole. Uma becelwa ukuthi beze esikoleni kuzoxoxwa ngezingane zabo abayi. Abanye bayeza esikoleni bafike basole othisha noma kube sengathi abazi ukuthi izingane zabo ziyahlupha.

Ezinye ziyaphendu­la emakubo kodwa umzali enze sengathi akukaze kwenzeka lokho.

Okuthusayo wukuthi umzali ulindele imiphumela emihle kodwa akakaze ayibone ingane yakhe ibhala umsebenzi wasekhaya futhi akakaze ayibone ifunda incwadi ilungisele­la izivivinyo.

Abanye bayabizwa ukuze baboniswe umsebenzi wengane phakathi nonyaka kodwa lutho ukufika. Uphele unyaka ingane lutho ukuphumele­la, “othisha abafundisi futhi mina bengingazi”. Umfundi ukhuliswa wumzali, uthisha, yisikole nomphakath­i. Umzali ubaluleke kakhulu. Sicela babambe iqhaza emfundweni yezingane zabo. Bangagcini ngokukhokh­a nokuletha ingane esikoleni bese bethi othisha bayobona.

Izingane ezizalwa ngabazali abanemadla­na zenza sengathi aziyidingi imfundo. Zinamalung­elo amaningi kodwa azikwazi okufanele zikwenze ukuze zijabulele amalungelo azo.

Sicela abazali batshikits­hele isiko lokufunda ezinganeni, ingane yazi ukuthi yonke into iyasetshen­zelwa Xolani Majola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa