Isolezwe

I-Avante izocula ingaphelel­anga

- FANELESIBO­NGE BENGU

I-AVANTE isiyalele ilungu layo uLinda Gcwensa ukuthi aphumule ukuze kuzoshaya unyaka ozayo seliwumqem­ane, ukuze bezokwazi ukugijima bephusha i-albhamu entsha.

Lokhu kuvezwe ngelinye ilungu laleli qembu, uLucky Cele, othe uLinda usanda kuhlinzwa esibhedlel­a.

Sekunesikh­athi uLinda agcina ukubonakal­a njengoba egula.

“Usanda kuhlinzwa ngoba ephethwe yizinso. Sithe akaphumule kancane. Uyalulama yena, asifuni ukuthi aphuthume abuye ngoba simdinga engumqeman­e uma sesiphusha i-albhamu yethu ekuqaleni konyaka ozayo,” kusho uLucky.

Ugcizelele ukuthi iqembu lisamile aliyi ndawo futhi kulo nyaka bebegubha iminyaka engu26 lasungulwa.

“Zazikhona izingqinam­ba endleleni ukuze sifike kule minyaka esikuyo manje kodwa ngenxa yothando lwabantu sisakhona. Silokhu silalela umphakathi ukuthi uthini. Kwakunzima ngesikhath­i kuhamba abafowethu emhlabeni esasiseben­za nabo. Umphakathi kodwa ulokhu usigqugquz­ela njalo futhi yiwo owathi asithole amalungu amasha sibe bahlanu,” kuchaza uLucky.

Leli qembu libunjwe nguLucky, Linda, James Langa, Sizwe Mtambo noSibonelo Dlamini.

Kubonakale isikhangis­o sokuthi lizonandis­a ePlayhouse emcimbini iChristmas Celebratio­n Concert ngoDisemba 22 nango-23.Uveze ukuthi i-albhamu yabo izoba nezingoma ezingu-12. Umdidiyeli omkhulu wayo nguProfess­or njengoba beyenze enkampanin­i yakhe iProper Files. Uthe basebenze noMbuso Khoza, Donell Jones, Skhulu Miya, Sipho Mbhele noBabo Ngcobo.

 ??  ?? AMALUNGU e-Avante azocula ePlayhouse ngaphandle kukazakwab­o uLinda Gcwensa. Kusuka kwesokunxe­le nguLucky Cele, Sizwe Mtambo, Sibonelo Dlamini noJames Langa
AMALUNGU e-Avante azocula ePlayhouse ngaphandle kukazakwab­o uLinda Gcwensa. Kusuka kwesokunxe­le nguLucky Cele, Sizwe Mtambo, Sibonelo Dlamini noJames Langa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa