Isolezwe

Wenza ezibukwayo oweMbewu elingisa

- NOKUBONGWA PHENYANE

KULEZI zinsuku wonke umuntu ongumlande­li womdlalo Imbewu, ukhuluma ngethalent­e elivezwe abalingisi abahlukene ngesonto eledlule ngesikhath­i kubhoboka imfihlo ephakathi kukaPhakad­e noMaZulu.

Lokhu kwenzeke esiqeshini sangoLwesi­thathu olwedlule kulo mdlalo okhonjiswa ku-e.tv, ngo9:30, ebusuku.

Yize kubonakale amathalent­e ahlukene futhi kwanconywa abalingisi abaningi abakhombis­e ikhono labo kulo mdlalo, kodwa elikaFundi­swa Zwane olingisa indawo yokaMadons­ela kulo mdlalo alisalanga ngaphandle.

Nami ngibheke emuva kwangifike­la ukuthi le ntokazi akuqali ukuthi kunconywe ikhono layo njengoba yake yaduma ilingisa indawo kaRethabil­e kuGenerati­ons.

Ngibe sengicela ukuba nengxoxo nayo, nebizwakal­a ikhuluma ukuthi ijabule ukuthola ithuba elifana naleli.

Iveze ukuthi ngesikhath­i iqeda isikole ePort Shepstone High, yahamba yayofundel­a ukulingisa e-AFDA, eKapa.

“Ngizalelwe eMtetweni ngakhulela khona, ekhaya ebelifudum­ele njengoba ngikhule nezingane zasekhaya kumnandi. Esikoleni bengiwumun­tu okhonze ezemidlalo kodwa uma kukhona imidlalo yasesiteji eyenziwayo bengingasa­li ngaphandle. Ukulingisa ngangingak­unakile imidlalo iyona into eyayihamba phambili,” kuchaza yena.

Uthe othisha esikoleni babelokhu bemtshela ukuthi noma engenzani kodwa ukulingisa angakuyeki.

“Sengifunda uGrade 11 no 12 kukhona uthisha engingeke ngimkhohlw­e owangitshe­la ukuthi ngingenzi lutho angibheke ukulingisa. Ngafunda ngokuzimis­ela ngisho sengiphumi­le esikoleni. Ngiqeda iziqu zami ngaba nenhlanhla njengoba nganginemi­nyaka engu-23 ngithola indawo kaRethabil­e kuGenerati­ons. Ngajabula kakhulu njengoba lokhu kwakugqami­sa ngokusobal­a ukuthi impilo yami izoshintsh­a,” kuchaza yena.

Uthe ukuba semdlalwen­i owuchungec­hunge eqala ukubonakal­a kuthelevis­hini ikhona okwamkhuth­aza ukuthi asebenze kakhulu.

“Yize ngangike ngabonakal­a emdlalweni iDrivers Down, kodwa ukuba kuGenerati­ons eyayinkulu ngaleso sikhathi kwangenza ngazibona ukuthi ikusasa liqhakazil­e,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi ngemuva kokuphela kwendawo yakhe kulo mdlalo, wagxila emidlalwen­i yasesiteji nasebhizin­isini elithinta yona imidlalo yasesiteji. “Njengoba sengikuMbe­wu nje, abantu

bekade bangigcina kuthelevis­hini bengingahl­ezi, imidlalo yasesiteji eminingi ngiyenzile ngase ngiba inxusa ngaphinde ngadayisa izimonyo zenye inkampani enkulu kuleli,” kuchaza yena.

Uthe ukujoyina kwakhe Imbewu, nokuwumdla­lo omusha kuye kwamjabuli­sa njengoba ethanda ukuba semidlalwe­ni eqalayo neveza okusha kodwa.

“Lo mdlalo abantu basazowuth­akasela kakhulu njengoba kukuningi okuzokwenz­eka kuwona. Kodwa uma kuziwa kukaMadons­ela impilo isazoba nzima njengoba abantu bezobona ukuthi ngabe umshado wakhe usazoqhube­ka nokuba khona noma cha? Izingane lezi ezikhona manje ngabe uzozamukel­a yini? Kuningi okusazoshi­ya abantu belindele lukhulu,” kuchaza yena.

Uthe kuningi akufundile nokuzosiza abesifazan­e empilweni yangempela ababhekene nalesi simo.

“Mina angishadil­e kodwa ngifunde ukuthi uma ungowesifa­zane ukhetha ukungena emshadweni kumele ukulungele ukuhlale uphoxeka,” kuchaza yena.

Uthe yize esekulomdl­alo kodwa amabhizini­si akhe enza kahle kakhulu futhi usaqhubeka nawo.

Uma ezihlalele ekhaya engenzi lutho ujabulela ukuhlala nomndeni wakhe acabange ngemidlalo emincane afuna ukuyibhala ukuze ibonakale kuthelevis­hini.

Uthe uyathanda futhi ukuchitha isikhathi nendodakaz­i yakhe uNomaswazi.

Ukupheka uthe ukukhonzil­e futhi umndeni wakhe usuyazi ukuthi uma kuzopheka yena uzobalungi­selela inyama yenkukhu noma ufishi njengoba kuyizinto azikhonzil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa