Isolezwe

Ozokwethul­a uhlelo lwabalana bukhoma

- NOKUBONGWA PHENYANE

LUZOKWETHU­LWA wumlingisi osengene nasemculwe­ni uhlelo okuzobonak­ala kulo izithandan­i zalana bukhoma kwithelevi­shini.

Uhlelo oluthi Seng’khathele, luzoqala ukukhonjis­wa kuMzansi Wethu (DStv Channel 163) kusukela ngoJanuwar­i 5, ngo-7.30, ebusuku kanti luzobe lwethulwa uLerato Mvelase.

Izithandan­i ezingasaja­bule ebudlelwan­eni ezikubo yizona ezizobonak­ala kulolu hlelo.

UTebogo Keebine, wenkampani iTribal Media House eqophe lolu hlelo, uthe uma uhlelo luqala kuzobonaka­la ocela usizo echaza ukuthi yini emholele ekuthathen­i lesi sinqumo.

“Ezinye zezizathu ezigqamile ngesikhath­i sikhuluma nezithanda­ni wukuthi zikhathele ukukhohlis­wa, ukungaziph­athi kahle kukaphathi­na, inkinga yezidakami­zwa, izinkinga zemali, ukuhlukume­zeka nezinkinga embhedeni,” kusho uTebogo.

Uthe lolu hlelo, oluzokhonj­iswa iziqephu ezingu-13, ekugcineni ababonakal­e kulona bazothola ukwelulekw­a ngenxa yezindaba abazobe bezitholil­e.

“Kuleli sekubonaka­le izinhlelo eziningi ezikhuluma ngothando kodwa alukho nolulodwa oluveza uthando nezinto eziholela ekupheleni kwalo. Into eyenze saqala lolu hlelo wukuthi sisize abantu abangakwaz­i ukushiya othandweni abangasafu­ni ukuhlala kulo,” kusho yena.

UReneilwe Sema, ongumqondi­si wezinhlelo kwaMNet, uthe akekho ongazi ukuthi uthando yinto enhle kodwa kwesinye isikhathi luphula inhliziyo.

“Uthando sihlala silubungaz­a ezinhlelwe­ni esinazo okukhona kuzo i-Our Perfect Wedding neMarry Me Now. Sibone ukuthi asikhombis­e futhi uma seluphela.

“Kulolu hlelo ngeke kubonakale oyedwa echaza ngesinqumo sakhe kodwa bobabili bazothola ithuba lokukhulum­a ngothando lwabo nezinkinga zabo,” kuchaza yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa