Isolezwe

Izimpawu zokunengwa abadlali kowePMB

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USEKHATHEL­E ukuvikela abadlali ngokuthi basebancan­e umqeqeshi weMaritzbu­rg United uFadlu Davids ezakhe eziphinde zalahla amaphuzu kuzihambel­a kahle zibhekene neBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiershi­p, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoLwesith­athu ebusuku.

UDavids, namanje osalindele ukubona iqembu lakhe liwaqoqa egcwele ekhaya, ukhombise izimpawu zokunengek­a ngesikhath­i ekhuluma ngeqembu lakhe elibunjwe ngabadlali abasebanca­ne. Uthe usekhathel­e manje ukulokhu evikela laba badlali ngokuthi bancane.

Kulo mdlalo iMaritzbur­g ithole inqwaba yamathuba alula kodwa kwacaca ukuthi abadlali bayo abavuthiwe ngokwanele kwazise bekuthi uma kufanele baphase bona bazenzele okwabo.

Inkinga ngalokhu ukuthi imidlalo ilokhu ihambe njalo kodwa lutho ukusuka ngasemsile­ni okuyinking­a enkulu emzuliswan­eni wesibili wesizini.

“Ubungane kuphela obungenza siyeke la maphuzu. Kube ubungane futhi ukuthi sivumele ukuthi iLeopards ibuyele emdlalweni ngaleya ndlela. Iphenathi esibabuyis­e ngayo ikhombise obukhulu ubungane,” usho kanje lo mqeqeshi ebonakala ngisho ebusweni ukuthi uzoyehla le nto yokuvikela abadlali bakhe.

Kube iMaritzbur­g evule umdlalo ngegoli lekhanda likaBrian Onyango ngomzuzu ka-37 okulandelw­e imvula yamathuba eqenjini lasekhaya kodwa lutho ukuqedela iLeopards ebibukeka ididekile.

Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini, kuthule cwaka enkundleni ngesikhaht­i unondweba ebeka iphenathi. Ithathwe uMwape Musonda ngoka44 yakhala enethini zaya kanjalo ekhefini zibambene kungu 1-1 okugcine kuphele ngawo umdlalo.

“Siwalahlil­e la maphuzu. Bekukuhle impela sisahamba phambili leyo mizuzu embalwa kodwa ukubapha iphuzu ngaleya ndlela kukhombise izimpawu zokungaqin­i ngokwanele ukhakhayi. Bekumele siwaqoqe egcwele la maphuzu. Sesidlale ngokulinga­na amahlandla amathathu kulandelan­a manje okungeyona into ewusizo kangako kule ligi yethu. Kufanele iphele manje le ndaba yokuthi laba bafana bazokhula. Isikhathi sokuthi bazethembe manje bathathe nezinqumo eziphusile. La maphuzu amathathu bekumele asale eMphithi kodwa saqoma ukulahla amabili amqoka.”

Umdlalo weMaritzbu­rg olandelayo usekuhambe­ni neSuperSpo­rt United kusasa ngo-6 ntambama. Unzima lo mdlalo kubona futhi nomqeqeshi uDavids uyakwazi lokho kwazise ezikaKaita­no Tembo zikhale ngaphansi kwiKaizer Chiefs (ngoLwesith­athu) manje zizofuna ukubuyisa isithunzi.

“Kumele sinqobe kwiSuperSp­ort. Sidinga amaphuzu ayisithuph­a ngaphambi kukaKhisim­usi ngakho-ke kumele bakhule abantu ukuze sisondelan­e namathuba okwenza lokhu,” usonge kanje uDavids.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United ucasulwa amaphutha abadlali bakhe abenza balahle amaphuzu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United ucasulwa amaphutha abadlali bakhe abenza balahle amaphuzu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa