Isolezwe

Uzosebenzi­sa amanothi oweChiefs

- LUNGILE MAJOKA

UZOSEBENZI­SA amanothi abewathath­a bedlala neSuperSpo­rt United, umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, obingelele ngewini emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMbombela Stadium ngoLwesith­athu ebusuku.

IChiefs inqobe ngo 1-0 ngegoli elihle likaGeorge Maluleka alishaye esiwombeni sesibili. Kulo mdlalo ilahle amathuba amaningi ngaphambi kokuthola igoli. UMiddendor­p uthe ujabule ngokunqoba yize kusekuning­i okumele bakulungis­e.

Kuzobonaka­la ke ukuthi kukhona abadlali asebekulun­gisile kusasa uma sebedlala ne-Elgeco Plus yaseMadaga­scar eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-8.15 ebusuku.

Lona umdlalo womlenze wokuqala womzuliswa­no wesibili wokuhlunge­la amaqoqo eCAF Confederat­ion Cup. Uma iChiefs idlulela phambili izobe isihlangan­a namaqembu azophuma kwiCAF Champions League, abazoqhath­wa nawo bese kuphuma ayisishiya­galombili azodlala emaqoqweni.

Amaqembu akuleli adlala kwiChampio­ns League kule mpelasonto yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

“Ngicabanga ukuthi amaphuzu amathathu asifanele futhi abebalulek­ile phezu kokuba nesikhathi esincane sokulungis­elela umdlalo. Ngicabanga ukuthi sibe nomdlalo omuhle nabadlali bebezimise­le,” kusho uMiddendor­p kwiSS4 ngemuva komdlalo.

Lo mqeqeshi odabuka eGermany umenyezelw­e ngempelaso­nto edlule ukuzothath­a izintambo kuGiovanni Solinas obebamba eyeka, ingahlanga­ni imiphumela ezojabulis­a abalandeli beChiefs.

Ngesikhath­i kuqhubeka umdlalo uMiddendor­p ubelokhu ebonakala eshicilela ebhukwini lakhe, okungenzek­a ukuthi kuphele umdlalo seligcwele njengoba nabadlali bakhe bebelokhu bengamhlal­isile kahle ngoba begeja amathuba asobala.

“Amaqhinga lawa okumele sisebenze kuwona njengokuth­i sisheshe silidedele ibhola uma sihlasela. Kumele sikuqonde ukubalulek­a kokugqobho­za udonga nokuthi usidoba kanjani (siphume) esikhaleni isitobha ukuze uvulele uzakwenu intuba. Lezo yizinto ezigcwele lapha ebhukwini lami, esengizozi­faka kwi-lap top ukuze sisebenze kuzona,” kuchaza uMiddendor­p.

Wenze izinguquko esikimini esiqale umdlalo. Phakathi kwazo ukubophela uMario Booysen noDaniel Cardoso maphakathi emuva.

“Ngifuna ukukucacis­a uma kuwukuthi kukhona ukungaqond­i, uDaniel Cardoso noMario Booysen baqinile emuva.”

Uthe ubonile ukuthi abadlali bakhe balahlekel­we ukuzethemb­a ngamanye amaphutha abewabona bewenza uma beziqeqesh­a kodwa wethemba ukuthi konke kuzolunga uma beqhubeka nokunqoba imidlalo futhi benyuka kwi-log. IChiefs esiqedile ngemidlalo yeligi kulo nyaka ihleli endaweni yesihlanu kwi-log namaphuzu awu-21, ingemuva ngayisithu­pha kwi-Orlando Pirates esesicongw­eni. Izovula unyaka neSundowns ngoJanuwar­i 5 eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama. Imidlalo yeCAF kule mpelasonto Confederat­ion Cup, Kusasa: Kaizer Chiefs v Elgeco Plus (8.15pm, Moses Mabhida Stadium). Champions League, Kusasa: Orlando Pirates v African Stars (6pm, Orlando Stadium). NgeSonto: Al-Ahly Benghazi v Mamelodi Sundowns (5pm, Petro Stadium).

 ??  ?? IPHINI lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs uShaun Bartlett, nomqeqeshi u-Ernst Middendorp, ngesikhath­i bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesith­athu ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
IPHINI lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs uShaun Bartlett, nomqeqeshi u-Ernst Middendorp, ngesikhath­i bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesith­athu ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa