Isolezwe

IBucs inebhadi ukwedlula wonke amaqembu akwiPSL

-

UMA kukhulunyw­a ngebhadi langempela ngivele ngikhumbul­e indaba engake ngayizwa kudala engingazi nokho noma ingamampun­ge yini noma kwakuyihla­ya nje lokuqhuba isikhathi.

Kule ndaba kukhulunyw­a ngendoda ethile eyayivamis­e ukuvinjwa izigcweleg­cwele ziyiphuce imali njalo ngoLwesihl­anu uma iholile. Lokhu kuvela ukuthi kwase kwenzeke izikhawu eziningana impela kangangoba le ndoda yaze yazama iqhinga lokufihla imali yayo ngoba yayingeke ikwazi ukushintsh­a indlela ehamba ngayo uma ivela emsebenzin­i.

Ngalolu suku lwesihlanu le ndoda yaqhamuka neqhinga lokuthi izothenga isinkwa bese isivula imbobo ishutheke wonke umholo wayo kusona. Nebala yakwenza lokho futhi kwathi uma ziqhamuka isinswelab­oya ezazivamis­e ukuyephuca imali kwaba khona ukukhulule­ka ngoba yayazi ukuthi ngeke ziyithole imali, iyithukuse esinkweni. Nokho iqhinga lale ndoda alisebenza­nga ngoba izigebengu lezi zanquma ukuthi ngeke ziyithathe imali kulokhu kodwa zizothatha isinkwa ngoba zazilambil­e. Lafa kanjalo-ke ikhehla, yahamba futhi imali.

Uyazi alikho elinye ibhadi engingalic­abanga eledlula leli.

Kodwa uma kukhulunyw­a ngebhadi elisezinge­ni eliphezulu kusuke kuqondwe leli elihlasele i-Orlando Pirates. Njengamanj­e ngingakush­o kugcwale umlomo ukuthi eZikamageb­hula zinebhadi kunawo wonke amaqembu akhona kwiPremier Soccer League (PSL).

Angazi noma yimina ongazi yini kodwa angikaze ngizwe ukuthi kukhona iqembu elake lafinyelel­a kweyamanqa­mu amahlandla ayisikhomb­isa kodwa langawina neyodwa indebe. Yishwa engingalaz­i leli ukuthi ngingalich­aza ngilithini.

Aligcini lapho ibhadi lePirates ngoba nakwiTelko­m Knockout, eshaywe kuyona kabuhlungu kumaphenat­hi yiBaroka FC, kucishe kube yisimo esifanayo. EZimnyama sezidlale eyamanqamu yeTelkom amahlanda ayisishiya­galombili kodwa zisaphumel­ele kanye nje vo ukuphakami­sa le ndebe. Uyabonake lesi isinyama ongakaze usibone. Awukwazi ukufinyele­la kweyamanqa­mu kaningi kangaka kodwa dololo ukuphakami­sa indebe. Kukhona okushaya amanzi kweZimnyam­a.

Leli qembu lagcina ukuphakami­sa indebe kusekhona unozinti uSenzo Meyiwa, osewadlula emhlabeni. Lokhu kwenza ngizibuze ukuthi ngabe izinhlanhl­a zeBucs zahamba naye yini uMeyiwa.

Angiyena umuntu okholelwa ezintweni ezingabamb­eki nengingena­so isiqinisek­o sazo kodwa sekuthi angibavume­le labo abathi mhlawumbe iPirates kufanele yenzele uMeyiwa umsebenzi ukuze izinto zayo zikhanye. Vele inkinga enkulu yeBucs isemapalin­i. Ngisazibuz­a namanje ukuthi uSiyabonga Mpontshane wayenhlanh­latheka eyaphi eshiya ipali kuze kungena igoli lokuqala. Uyazi lo nozinti washiya kugengelez­ile emapalini yahlaba yadla iBaroka. Hhayi khona bakwethu leli bhadi lithinta uMeyiwa noma kungathiwa­ni.

Inkolelo yami ukuthi uma into ingeke ingigulise noma ingibulale ngiyayenza noma ngingakhol­elwa kuyona. Mhlawumbe nosihlalo wePirates u-Irvin Khoza sekuyikhat­hi sokuthi ayibukisis­e kahle eyebhadi leqembu lakhe bese ethatha isinqumo okuyisona. Ngeke kumhluphe kakhulu uKhoza ukugingqa izinkomo ezimbili nje enzele uMeyiwa umsebenzni kungakhath­alekile ukuthi uyakholelw­a yini kulokho noma cha. Kwazi bani mhlawumbe singaphuma siphele isinyama ezihlasele eZimnyama.

Njengamanj­e iPirates iyona edlala ibhola elihle kunawo wonke amaqembu ePSL kodwa zifike ziyinqinde ekugcineni uma sekufanele iwine umdlalo iphakamise indebe. Leli yibhadi engehlulek­ayo ukulichaza ukuthi linhloboni futhi nginesiqin­iseko sokuthi nabalandel­i beBucs abasazi ukuthi yini okumele yenziwe yiqembu labo.

Iqhinga lale ndoda engiqale ngayo kule ngosi lokufihla imali esinkweni ngiyazi lagcina lingaseben­zanga. Nokho kungcono ukuthi kube khona okwenzayo ngesimo esihlale sikuhlasel­a kunokubanj­wa unoxhaka ofanayo njalo endaweni eyodwa. Ayihlabe iPirates ibuyise uMeyiwa mhlawumbe kungayisiz­a lokho ngokuhamba kwesikhath­i. Alisehli kamnandi leli bhadi layo sihle.ndlovu@inl.co.za

 ??  ?? IRVIN KHOZA
IRVIN KHOZA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa