Uxwayisa ezakhe ngoweLeopards
NAKUBA kubatshazwa ukuvuthwa kwaMaZulu FC ashaya kwasani kulezi zinsuku kodwa uCavin Johnson oqeqesha Usuthu uthi kubalulekile ukuthi abadlali bakhe bangakhohlwa wukuthi banohambo olunzima oluya emhlabeni obomvu kusasa.
Usuthu luzotholana neBlack Leopards eThohoyandou Stadium eLimpopo, ngo-3.30 ntambama.
AmaZulu aya kulo mdlalo nje asenqobe imidlalo emithathu kulandelana. Owakamuva ubungoLwesithathu lapho eyiphendule khona izimpuphu iBloemfontein Celtic eyishaya ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Amagoli Enyokan’ Eluhlazana avalelwe u-Emiliano Tade (oshaye amabili) noSiyabonga “Bhele” Nomvethe olishaye esuka ebhentshini.
Emidlalweni emithathu yakamuva, Usuthu lushaye iHighlands Park ngo 2-1, Chippa United ngo 1-0 ngaphambi kokulobola iCeltic. Njengamanje Usuthu lusendaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-13 emidlalweni ewu-13.
Nakuba kumjabulisa ukuthi ezakhe zidlala ibhola elinenkosi phakathi kodwa uJohnson uthe akafuni kube khona imidlalo eziyithatha kancane njengoba zisefomini kulezi nsuku.
“Sesinqobe imidlalo emithathu kodwa luselude ukhalo. Sinohambo oluya eVenda. Kufanele sigcine umgqigqo wethu kulona. Ubani oseke waya eVenda kinina (ebuza izintatheli), yonke into ibomvu laphayana, ngisho nenhlabathi yakhona. Sinomsebenzi onzima wokuqinisekisa ukuthi abadlali bethu abacabangi ngamaholidi kaKhisimusi ngoba kusadlalwa njengamanje. Uma konke lokho singakugada, kwazi bani mhlawumbe singanqoba nomdlalo wesine kulandelana. Nonyaka ungaphela sekukhulunywa okunye,” usho kanje uJohnson.
AmaZulu asalelwe umdlalo weLeopards nabakhaya iLamontville Golden Arrows ngaphambi kwamaholidi kaDisemba.
“Sisalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kwamaholidi kaDisemba. Abantu abaningi bathi uma siqhuba kanje sizophula amarekhodi kodwa ngihlezi ngibatshela abadlali ukuthi uma uneqiniso ebholeni nalo lizoba neqiniso kuwena,” kunezezela uJohnson.
UTade usevalele phakathi amagoli amahlanu njengamanje kwiPremiership. UJohnson uthe nakuba ekujabulela ukuthi uTade ushaya amagoli kodwa kungakuhle kungaqhakanjiswa yena yedwa kodwa kunconywe iqembu lonke ngokuzinikela.
“Ngisola ukuthi ubumbano, ukuhloniphana nokusizana yikona okusibeke lapho sikhona njengamanje. Angiyena umqeqeshi okhonze ukuncoma umdlali ngamunye, ngikholelwa ekuncomeni iqembu lonke ngoba ukubambisana okusisebenzelayo. Ngiyafisa uTade aqhubeke nokuvalela amagoli ngoba kuyasisiza kakhulu,” kusho uJohnson.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay, 8pm)
Kusasa: Black Leopards v AmaZulu (Thohoyandou Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Maritzburg United (Mbombela Stadium, 6pm)
NgeSonto: Baroka FC v Bidvest Wits (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)