Izimpawu zokunengwa abadlali kowePMB
USEKHATHELE ukuvikela abadlali ngokuthi basebancane umqeqeshi weMaritzburg United uFadlu Davids ezakhe eziphinde zalahla amaphuzu kuzihambela kahle zibhekene neBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku.
UDavids, namanje osalindele ukubona iqembu lakhe liwaqoqa egcwele ekhaya, ukhombise izimpawu zokunengeka ngesikhathi ekhuluma ngeqembu lakhe elibunjwe ngabadlali abasebancane. Uthe usekhathele manje ukulokhu evikela laba badlali ngokuthi bancane.
Kulo mdlalo iMaritzburg ithole inqwaba yamathuba alula kodwa kwacaca ukuthi abadlali bayo abavuthiwe ngokwanele kwazise bekuthi uma kufanele baphase bona bazenzele okwabo.
Inkinga ngalokhu ukuthi imidlalo ilokhu ihambe njalo kodwa lutho ukusuka ngasemsileni okuyinkinga enkulu emzuliswaneni wesibili wesizini.
“Ubungane kuphela obungenza siyeke la maphuzu. Kube ubungane futhi ukuthi sivumele ukuthi iLeopards ibuyele emdlalweni ngaleya ndlela. Iphenathi esibabuyise ngayo ikhombise obukhulu ubungane,” usho kanje lo mqeqeshi ebonakala ngisho ebusweni ukuthi uzoyehla le nto yokuvikela abadlali bakhe.
Kube iMaritzburg evule umdlalo ngegoli lekhanda likaBrian Onyango ngomzuzu ka-37 okulandelwe imvula yamathuba eqenjini lasekhaya kodwa lutho ukuqedela iLeopards ebibukeka ididekile.
Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini, kuthule cwaka enkundleni ngesikhahti unondweba ebeka iphenathi. Ithathwe uMwape Musonda ngoka44 yakhala enethini zaya kanjalo ekhefini zibambene kungu 1-1 okugcine kuphele ngawo umdlalo.
“Siwalahlile la maphuzu. Bekukuhle impela sisahamba phambili leyo mizuzu embalwa kodwa ukubapha iphuzu ngaleya ndlela kukhombise izimpawu zokungaqini ngokwanele ukhakhayi. Bekumele siwaqoqe egcwele la maphuzu. Sesidlale ngokulingana amahlandla amathathu kulandelana manje okungeyona into ewusizo kangako kule ligi yethu. Kufanele iphele manje le ndaba yokuthi laba bafana bazokhula. Isikhathi sokuthi bazethembe manje bathathe nezinqumo eziphusile. La maphuzu amathathu bekumele asale eMphithi kodwa saqoma ukulahla amabili amqoka.”
Umdlalo weMaritzburg olandelayo usekuhambeni neSuperSport United kusasa ngo-6 ntambama. Unzima lo mdlalo kubona futhi nomqeqeshi uDavids uyakwazi lokho kwazise ezikaKaitano Tembo zikhale ngaphansi kwiKaizer Chiefs (ngoLwesithathu) manje zizofuna ukubuyisa isithunzi.
“Kumele sinqobe kwiSuperSport. Sidinga amaphuzu ayisithupha ngaphambi kukaKhisimusi ngakho-ke kumele bakhule abantu ukuze sisondelane namathuba okwenza lokhu,” usonge kanje uDavids.