IBucs inebhadi ukwedlula wonke amaqembu akwiPSL
UMA kukhulunywa ngebhadi langempela ngivele ngikhumbule indaba engake ngayizwa kudala engingazi nokho noma ingamampunge yini noma kwakuyihlaya nje lokuqhuba isikhathi.
Kule ndaba kukhulunywa ngendoda ethile eyayivamise ukuvinjwa izigcwelegcwele ziyiphuce imali njalo ngoLwesihlanu uma iholile. Lokhu kuvela ukuthi kwase kwenzeke izikhawu eziningana impela kangangoba le ndoda yaze yazama iqhinga lokufihla imali yayo ngoba yayingeke ikwazi ukushintsha indlela ehamba ngayo uma ivela emsebenzini.
Ngalolu suku lwesihlanu le ndoda yaqhamuka neqhinga lokuthi izothenga isinkwa bese isivula imbobo ishutheke wonke umholo wayo kusona. Nebala yakwenza lokho futhi kwathi uma ziqhamuka isinswelaboya ezazivamise ukuyephuca imali kwaba khona ukukhululeka ngoba yayazi ukuthi ngeke ziyithole imali, iyithukuse esinkweni. Nokho iqhinga lale ndoda alisebenzanga ngoba izigebengu lezi zanquma ukuthi ngeke ziyithathe imali kulokhu kodwa zizothatha isinkwa ngoba zazilambile. Lafa kanjalo-ke ikhehla, yahamba futhi imali.
Uyazi alikho elinye ibhadi engingalicabanga eledlula leli.
Kodwa uma kukhulunywa ngebhadi elisezingeni eliphezulu kusuke kuqondwe leli elihlasele i-Orlando Pirates. Njengamanje ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi eZikamagebhula zinebhadi kunawo wonke amaqembu akhona kwiPremier Soccer League (PSL).
Angazi noma yimina ongazi yini kodwa angikaze ngizwe ukuthi kukhona iqembu elake lafinyelela kweyamanqamu amahlandla ayisikhombisa kodwa langawina neyodwa indebe. Yishwa engingalazi leli ukuthi ngingalichaza ngilithini.
Aligcini lapho ibhadi lePirates ngoba nakwiTelkom Knockout, eshaywe kuyona kabuhlungu kumaphenathi yiBaroka FC, kucishe kube yisimo esifanayo. EZimnyama sezidlale eyamanqamu yeTelkom amahlanda ayisishiyagalombili kodwa zisaphumelele kanye nje vo ukuphakamisa le ndebe. Uyabonake lesi isinyama ongakaze usibone. Awukwazi ukufinyelela kweyamanqamu kaningi kangaka kodwa dololo ukuphakamisa indebe. Kukhona okushaya amanzi kweZimnyama.
Leli qembu lagcina ukuphakamisa indebe kusekhona unozinti uSenzo Meyiwa, osewadlula emhlabeni. Lokhu kwenza ngizibuze ukuthi ngabe izinhlanhla zeBucs zahamba naye yini uMeyiwa.
Angiyena umuntu okholelwa ezintweni ezingabambeki nengingenaso isiqiniseko sazo kodwa sekuthi angibavumele labo abathi mhlawumbe iPirates kufanele yenzele uMeyiwa umsebenzi ukuze izinto zayo zikhanye. Vele inkinga enkulu yeBucs isemapalini. Ngisazibuza namanje ukuthi uSiyabonga Mpontshane wayenhlanhlatheka eyaphi eshiya ipali kuze kungena igoli lokuqala. Uyazi lo nozinti washiya kugengelezile emapalini yahlaba yadla iBaroka. Hhayi khona bakwethu leli bhadi lithinta uMeyiwa noma kungathiwani.
Inkolelo yami ukuthi uma into ingeke ingigulise noma ingibulale ngiyayenza noma ngingakholelwa kuyona. Mhlawumbe nosihlalo wePirates u-Irvin Khoza sekuyikhathi sokuthi ayibukisise kahle eyebhadi leqembu lakhe bese ethatha isinqumo okuyisona. Ngeke kumhluphe kakhulu uKhoza ukugingqa izinkomo ezimbili nje enzele uMeyiwa umsebenzni kungakhathalekile ukuthi uyakholelwa yini kulokho noma cha. Kwazi bani mhlawumbe singaphuma siphele isinyama ezihlasele eZimnyama.
Njengamanje iPirates iyona edlala ibhola elihle kunawo wonke amaqembu ePSL kodwa zifike ziyinqinde ekugcineni uma sekufanele iwine umdlalo iphakamise indebe. Leli yibhadi engehlulekayo ukulichaza ukuthi linhloboni futhi nginesiqiniseko sokuthi nabalandeli beBucs abasazi ukuthi yini okumele yenziwe yiqembu labo.
Iqhinga lale ndoda engiqale ngayo kule ngosi lokufihla imali esinkweni ngiyazi lagcina lingasebenzanga. Nokho kungcono ukuthi kube khona okwenzayo ngesimo esihlale sikuhlasela kunokubanjwa unoxhaka ofanayo njalo endaweni eyodwa. Ayihlabe iPirates ibuyise uMeyiwa mhlawumbe kungayisiza lokho ngokuhamba kwesikhathi. Alisehli kamnandi leli bhadi layo sihle.ndlovu@inl.co.za