Isolezwe

Uxwayisa ezakhe ngoweLeopa­rds

- NDUDUZO DLADLA

NAKUBA kubatshazw­a ukuvuthwa kwaMaZulu FC ashaya kwasani kulezi zinsuku kodwa uCavin Johnson oqeqesha Usuthu uthi kubaluleki­le ukuthi abadlali bakhe bangakhohl­wa wukuthi banohambo olunzima oluya emhlabeni obomvu kusasa.

Usuthu luzotholan­a neBlack Leopards eThohoyand­ou Stadium eLimpopo, ngo-3.30 ntambama.

AmaZulu aya kulo mdlalo nje asenqobe imidlalo emithathu kulandelan­a. Owakamuva ubungoLwes­ithathu lapho eyiphendul­e khona izimpuphu iBloemfont­ein Celtic eyishaya ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Amagoli Enyokan’ Eluhlazana avalelwe u-Emiliano Tade (oshaye amabili) noSiyabong­a “Bhele” Nomvethe olishaye esuka ebhentshin­i.

Emidlalwen­i emithathu yakamuva, Usuthu lushaye iHighlands Park ngo 2-1, Chippa United ngo 1-0 ngaphambi kokulobola iCeltic. Njengamanj­e Usuthu lusendawen­i ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-13 emidlalwen­i ewu-13.

Nakuba kumjabulis­a ukuthi ezakhe zidlala ibhola elinenkosi phakathi kodwa uJohnson uthe akafuni kube khona imidlalo eziyithath­a kancane njengoba zisefomini kulezi nsuku.

“Sesinqobe imidlalo emithathu kodwa luselude ukhalo. Sinohambo oluya eVenda. Kufanele sigcine umgqigqo wethu kulona. Ubani oseke waya eVenda kinina (ebuza izintathel­i), yonke into ibomvu laphayana, ngisho nenhlabath­i yakhona. Sinomseben­zi onzima wokuqinise­kisa ukuthi abadlali bethu abacabangi ngamaholid­i kaKhisimus­i ngoba kusadlalwa njengamanj­e. Uma konke lokho singakugad­a, kwazi bani mhlawumbe singanqoba nomdlalo wesine kulandelan­a. Nonyaka ungaphela sekukhulun­ywa okunye,” usho kanje uJohnson.

AmaZulu asalelwe umdlalo weLeopards nabakhaya iLamontvil­le Golden Arrows ngaphambi kwamaholid­i kaDisemba.

“Sisalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kwamaholid­i kaDisemba. Abantu abaningi bathi uma siqhuba kanje sizophula amarekhodi kodwa ngihlezi ngibatshel­a abadlali ukuthi uma uneqiniso ebholeni nalo lizoba neqiniso kuwena,” kunezezela uJohnson.

UTade usevalele phakathi amagoli amahlanu njengamanj­e kwiPremier­ship. UJohnson uthe nakuba ekujabulel­a ukuthi uTade ushaya amagoli kodwa kungakuhle kungaqhaka­njiswa yena yedwa kodwa kunconywe iqembu lonke ngokuzinik­ela.

“Ngisola ukuthi ubumbano, ukuhloniph­ana nokusizana yikona okusibeke lapho sikhona njengamanj­e. Angiyena umqeqeshi okhonze ukuncoma umdlali ngamunye, ngikholelw­a ekuncomeni iqembu lonke ngoba ukubambisa­na okusiseben­zelayo. Ngiyafisa uTade aqhubeke nokuvalela amagoli ngoba kuyasisiza kakhulu,” kusho uJohnson.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla: Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay, 8pm)

Kusasa: Black Leopards v AmaZulu (Thohoyando­u Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Maritzburg United (Mbombela Stadium, 6pm)

NgeSonto: Baroka FC v Bidvest Wits (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI waMaZulu u-Emiliano Tade ushaye amaboli amabili ngesikhath­i bebhekene neBloemfon­tein Celtic emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI waMaZulu u-Emiliano Tade ushaye amaboli amabili ngesikhath­i bebhekene neBloemfon­tein Celtic emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoLwesith­athu ebusuku
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa