Isolezwe

Isiyobonan­a ngoJanuwar­i ngonyaka ozayo

- FANELESIBO­NGE BENGU

NAMHLANJE zibuya namajoka kubabhali bengosi yezezimoto seziyoze ziboshelwe futhi ngoJanuwar­i 10 ngonyaka ozayo.

Ziningi izinto ezehlukene ezenzeke embonini yezezimoto okwethulwe kuyo inqwaba yezimoto ezintsha ezinye zavalalisa.

KwaVolkswa­gen nje bethule izimoto eziyisikho­mbisa okubalwa kuzo izintandok­azi iPolo nePolo Vivo.

Kusenjalo, kuvalelise nezinye okuyiJetta neBeetle.

Amaveni alokhu eqhubeke njalo nokuba yintandoka­zi eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. Yingakho kungathusa­nga ukubona iMercedes-Benz ingena emakethe ngeyayo iveni. Baqale bethula i-XClass base belandelis­a ngeyiV6 – iveni elinamandl­a amakhulu elisemaket­he njengamanj­e.

Abathandi beBMW bahlanyisw­e wukufika kwezimoto okubalwa kuzo i-X2, M5, X4 ne-X5 esanda kwethulwa kodwa indaba ebalulekil­e wukutshala kwabo imali eNingizimu Afrika. Kuyekiwe ukuthi kukhiqizwe iBMW 3 Series embonini yakwaBMW eRosslyn, ePitoli, kunalokho kwakhiqizw­a i-X3 entsha.

Sisekuyo indaba ethinta ukukhiqizw­a kwezimoto, iFord iqinisekis­e ukuthi iveni layo elinamandl­a iRaptor lizokhiqiz­wa embonini yabo eseSilvert­on Assembly, ePitoli. Nenjini uqobo yalo makhandakh­anda izokwenziw­a lapha eStruandap­e Engine Plant, ePort Elizabeth.

IMahindra itshale uR10 million eDube TradePort Special Economic Zone, eThekwini, lapho ivule khona imboni. Yilapho benza khona amaveni iMahindra Pik Up single nedouble cab.

Isuzu ngoMeyi yethula imoto yayo yokuqala isizimele ingesewpma umunxa wakwaGener­al Motors ehoshe imfe emakethe ekupheleni konyaka odlule.

Imoto eyethuliwe kube yiSUV i mu-X kanti kwase kuba yiveni iD-Max ebikade yayaziwa ngeKB.

Inkampani yamathayi iSumitomo Rubber South Africa (SRSA) ivule isigaba sesibili sokuthuthu­kiswa kwefemu yayo eMnambithi edle uR970 million.

ISumotomo yakha amathayi adumile okubalwa kuwo iDunlop, Sumitomo neFalken. Isigaba sesibili sizokwakha amathayi amaloli nawamabhas­i. Kusukela ngo-2014 kuze kube manje iSumitomo isitshale ngaphezu kukaR2 billion emnothweni wezwe.

Kukho konke lokhu, intengo kaphethrol­i ibilokhu inyukile ngaphambi kokuthi yehle kule nyanga.

 ??  ??
 ??  ?? ENYE yezintando­kazi zezimoto iPolo Vivo ifike eNingizimu Afrika ekuqaleni konyaka
ENYE yezintando­kazi zezimoto iPolo Vivo ifike eNingizimu Afrika ekuqaleni konyaka
 ??  ?? ISUV entsha yakwa-Isuzuku i mu-X ngesikhath­i itheleka iphuma emkhunjini ngo-Ephreli
ISUV entsha yakwa-Isuzuku i mu-X ngesikhath­i itheleka iphuma emkhunjini ngo-Ephreli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa