IKia Rio no-gearbox oyi-6 speed automatic
IMOTO: KIA RIO
KUPHELILE ngo-gearbox onamagiya amane azishintshayo kwiKia Rio njengoba iKia Motors South Africa imemezele ukwethulwa komusha oyi-6 speed automatic.
U-gearbox oyi-4 speed ubutholakala kwiRio yesizukulwane sesine kusukela yethulwa ngoJuni wonyaka odlule.
Lo gearbox omusha bathi wenza iRio ihambe kamnandi emgwaqeni futhi uyenza iwakhiphe kahle amandla ayo. Injini ofakwe kuyo ingu-1.4 litre MPI enamandla angu-74 kW netorque engu-135 Nm. Bathi ngenxa yalo gearbox ukusuka ku-0 iye ku-100km/h akusayithathi imizuzwana engu-13.2 njengaphambilini kodwa engu-12.9.
Nejubane elikhulu lishintshile lanyuka lisuka ku-166km/h lafinyelela ku-175 km/h.
IKia Rio 1.4 itholakala ngezinhlobo ezintathu okuyiLX, EX neTEC ephuma nezinto eziningi. I-1.4 LX ifika ne air-condioner, amawindi kagesi, izibuko ezihlelwa ngogesi, central locking, umsakazo odlala iMP3, AUX ne-USB, izipikha eziyisithupha, amabhathini esiteringini, ama-fog lights, LED Daytime Running Lights namarimu angu-15 inch nokunye.
I-EX yona phezu kokufika ne-LX, iza namalambu eLED ngemuva, -touchscreen infotainment system engu-7 inch ehlanganisa ne-park assist yangemuva lapho kuvela khona ingemuva njengoba inekhamera futhi ixhuma neselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto.
Okuyiyona engumakhonya yengezwe amarimu angu-17 inch, amawiper ayazishaya uma lina, cruise control isibuko esiveza ingemuva esidimayo, amapedals ensimbi nesikhumba ngaphakathi. Amanani Rio 1.2 LS 5-speed Manual Rio 1.4 LX 6-speed Manual Rio 1.4 LX 6-speed Automatic Rio 1.4 EX 6-speed Manual Rio 1.4 EX 6-speed Automatic Rio 1.4 TEC 6-speed Manual Rio 1.4 TEC 6-speed Automatic R 230,995 R 247,995 R 264,995 R 261,995 R 278,995 R 288,995 R 305,995
Uma uthanda iTEC uyifaka isunroof ngoR8 000. Zonke ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu. IRio 1.2 ifika neservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km kuthi i-1.4 yona ize neyeminyaka emine noma u-60 000km.