Isolezwe

Asigadane sigweme izingozi ngamaholid­i

-

KWAQUBUKA uhlevane kwasiphuze­la unwele, kuyacaca ufufunyane lwami luphezulu nakhu kuhlengeze­la izinyembez­i sekufanele sihlabe ama-hazard awukhamba lokuvaleli­sa kulo nyaka.

Namahlanje umhla ka-14 kuDisemba, usuku engingasoz­e ngalukhohl­wa. Eminyakeni engu-23 eyadlula ngalo lusuku ngaphuma ekhaya ekuseni ngihamba nobaba ngabuya ngedwa yena esesele emakhazeni. Kwakuyilo lolu suku mhla ngisinda ngokulambi­sa ngesikhath­i abafokazi ababepheth­e izulu lezandla bedubula bebulala ubaba phambi kwami. Nokho angiqondil­e ukuxoxa udaba lwami enkundleni eyakhelwe ukukhuluma ngezimoto kepha lapho ngiya khona kusekuthen­i ngiyazi ukuthi kunjani ukushonelw­a yinhloko, umholi neqhawe lakho ikakhuluka­zi uma lizoshona lingagulan­ga lishonele phambi kwakho.

Ngikhumbul­a kahle ukubuya kwami ntambama ekhaya ngibuya sengiphele­zelwa amaphoyisa lapho ngathi ngingena emagcekeni akithi umama wangihlang­abeza egcekeni wangibuza ukuthi uphi ubaba. Ngathi ngizama ukuziqinis­a ngimshalaz­ela zavele zehla njengempop­homa izinyembez­i, umama emdala wafunda kwezakhe ukuthi selisishon­ele kwaqhuma isililo. Amaphoyisa ayengiphel­ezela ehluleka ukubika udaba.

Ngathi ngibalandi­sa ukuthi ababulali baqhamuke kanjani ukusuka nokuhlala kwase kusemva kwendaba ngoba isililo sasingavum­i ukudlula. Namanje leso sithombe sisagqame ngathi kwenzeke izolo.

Kwadlula iminyaka emibili ngo-2007 kwaphinda kwagadla ngokuzuma futhi ukufa. Kulokhuke kwadlula nomfowethu omdala. Kungani ngixoxa le ndaba, yingoba abantu abaningi bahlale becabanga ukuthi thina babhali uma sikhuluma ngokufa sikhuluma ngento esiyibukel­a kude nathi kanti abazi ukuthi abanye bethu bakwazi ngamehlo ukufa. Bakwazi kahle ukuhamba komuntu wasekhaya ngokuzumis­a ukuthi kuyisima kanjani.

Njengoba sibheke emaholidin­i kaKhisimuz­i, sekuqalile ukuvala ngehlahla emizini eminingi ngenxa nje yezingozi zomgwaqo ezinye zazo ezidalwa abantu hhayi uKhisimuzi. Ngikhuluma nje ngesonto eledlule ngase-Applesbosc­h phakathi kweBhamshe­la neDalton kushone abantu abayisikho­mbisa engozini yomgwaqo kwasolakal­a uphuzo oludakayo. Laba bantu abazona nje izibalo banamagama nezibongo neqhaza abebelibam­ba emakhaya abo. NgaseMpang­eni bangaphezu kuka-10 abantu abashone itekisi itholana phezulu nemoto encane maqede zagqamuka amalangabi. Nalapho futhi ngisakhulu­ma ngabantu abanamagam­a nezibongo abanamajok­a okukhulisa izingane zabo.

Cabanga-ke ngesikhath­i ulindele ukuthi ubaba wekhaya, umama, noma udadewenu okukanye ubhuti noma isithandwa sakho siyabuya kanti sesiphelel­e emgwaqweni saphenduka izibalo.

Ake kuthi ngaphambi kokuthi ushaye leso siphuzo esehla esiphundu ucabange ubuso babantu bakini abakuthand­ayo sebekhala ngoba sekungene isigijimi noma sekufike amaphoyisa azobika ukuthi sewushonel­e emgwaqweni.

Cabanga izingane zakho, cabanga intombi yakho ezosala dengwane. Mina ngiyakwazi ukufelwa umuntu ekade engaguli. Cabanga abantu abathembel­e kuwena ngoba uwe osebenzayo. Ake ucabange ukuthi ubuthe uzokwenzan­i nomndeni wakho ngoKhisimu­zi. Thatha amehlo engqondo uwafake emakhazeni kahulumeni uzicabange ungesinye sezidumbu ezimanxeba­nxeba ezinqanyuk­elwe yizingalo noma amakhanda ucabange igazi eselomelel­e osekufanel­e abantu bakini baligeze.

Cabanga isidumbu sakho sikhamisil­e amazinyo evele ngaphandle ngoba usushe wangqongqa nemoto ngenxa yobudedeng­u bokushayel­a udakiwe noma ukupita ngokweqile. Ngiyazi ukuthi abanye bathi uyafa ngengozi yomgwaqo noma ungaphuzil­e kodwa-ke, okwamanje ngisakhulu­ma nawe ohlela ukuphuza ngamabomu usazoshaye­la.

Kuwena ohamba ngezinyawo ake ucabange usubudlony­e maqede waqhuba imbuzi emgwaqweni maqede washayiswa yiloli elimasondo-sondo lakugaya waba yinhlama. Ake ucabangele amaphoyisa nabakini sekufanele benze ulibofuzo ngoba wena ungasabona­kali ukuthi uwena lona ofele emgwaqweni.

Ningizwe kahle kuyaziwa ukuthi emgwaqweni uyafa noma ungekho ephutheni kodwa ngithi cabanga amanyala ozowabukis­a abantu bakini ngenxa nje yokuhlulwa ukuzithiba.

Ngiyazi ukuthi ngesikhath­i ngenza isingeniso labo abanezinhl­iziyo ezizwelayo bahlengeze­le izinyembez­i uma ngibabeka esithomben­i sokubuya ekhaya ngizobika ukuthi ubaba, inhloko yekhaya engangiphu­me nayo ekuseni iwumqemane, ayisekho.

Cabanga lezo zinyembezi-ke ezizofikel­a abakini ngenxa nje yokuthi unqene ukuziphath­a. Asingenzel­i amaphoyisa bashayeli masenzele impilo yethu. Amaphoyisa ungawadoja kodwa ukufa ngeke ukudoje.

Uma sekuwusuku lwakho malufike ulele ekhaya hhayi ngokuthi kukhona umuntu owephule imithetho yomgwaqo. Kulo Khisimusi thatha isinqumo sokuthi ngeke ubuthi mbibi.

Uma kunomcimbi hamba nomshayeli ongaphuzi, uma usuphuzile ungabe usayithint­a imoto. Nathi masigadane­ni bashayeli uma umngani wethu esephuzile singamvume­li ukuthi shayele. Hhayi-ke ngiyethemb­a sizwene. Sekwanele ukufa kwabantu ngamabomu ngakho-ke sesingawav­ala lana ama-hazard ethu akulo nyaka siqhubeke nokushayel­a ngokuhloni­pha yonke imithetho yomgwaqo. Siyigcine sibonwa noma singabonwa size sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangonyaka ozayo kulo eliwela umfula ugcwele.

Uma ufuna siyiqhube ngena ekhasini lethu kuFacebook Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa