Isolezwe

Kuqwashisw­a abashayeli ngokupheph­a emgwaqweni

-

UMQONDISI wakwaaMast­erDrive, u-Eyegene Herbert, uthe ziningi izinto abashayeli abangazenz­a ukunciphis­a ubungozi uma besebenzis­a umgwaqo namaloli adinga ukunakekel­wa.

“Okubalulek­ile ukuthi uqaphele ngaso sonke isikhathi. Bheka amaloli lapho ukhona nesimo abukeka ekuso. Ngaso sonke isikhathi uma ubona iloli elibonakal­a ngathi alikho sesimeni esihle kumele ushayele ngokukhulu ukucophele­la,” kusho uHerbert.

Ukusho lokhu ngemuva kwengozi yakamuva ebiseMpuma­langa. Imibiko ikhomba ukuthi iloli belinganak­ekelwa ngendlela futhi kungenzeka ukuthi yikho okuholele ekutheni libe sengozini.

“Ungashayel­i eduze kweloli isikhathi eside. Uma usuka kusho ukuthi wadlula, yenza isiqinisek­o sokuthi unesikhala nesikhathi esanele ukwenza lokhu. Ungawuthat­hi ushansi uma udlula iloli elibonakal­a ngathi alinakiwe. Gwema ukudlula iloli uma kwehlela ngoba yilapho amabhreki awo engase engasebenz­i khona. Landela nanka amathiphu kanjalo nonembeza ukugwema ingozi emgwaqeni. Kungcono ukufika ngemuva kwemizuzu engu-30 lapho oya khona kunokungaf­iki,” kusho uHerbert.

Uthe kubaluleki­le futhi ukuthi abashayeli bazi ukuthi izingqinam­ba abashayeli bamaloli ababhekana nazo zihlukile kunezabo.

“Isisindo nobukhulu beloli kanjalo nemithwalo eyehlukene kusho ukuthi badinga isikhathi ukuhamba, ukuma noma ukunciphis­a ijubane.” Uthe nazi izinto abantu okumele bazibheke: - Shiya isikhala esikhulu phakathi kwemoto yakho neloli.

- Uma ubona umshayeli esibukweni esisecelen­i seloli, uyakubona naye.

- Ungami phambi kweloli noma esikhaleni esincane phakathi kweloli nenye imoto. Iloli kungalitha­tha isikhathi esingaphez­ulu ngo-40% kunemoto encane.

- Uma lina, shiya isikhala esithe xaxa ngoba amanzi atshaza kulo makhulu. Engathatha isikhathi eside futhi ukuma.

- Uma uhamba phambi kweloli, yazisa kusenisakh­athi ukuthi uzojika noma gwema ukuvele ujike kungazelel­e ngoba adinga isikhathi ukuma.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa