Isolezwe

AbakwaFord bazotetemu­kisa iLadysmith Mambazo

- FANELESIBO­NGE BENGU

IQEMBU elinomland­o iLadysmith Black Mambazo lizobonaka­la litetemuka ngezimoto zakwaCMH Kempster Ford kuMngeni Road, eThekwini, ngemuva kokuqokwa kwalo njengamanx­usa akule nkampani.

Leli qembu lesicatham­iya linikezwe amabhasi amaTourneo Custom amabili aqoshwe igama lalo eceleni.

Imenenja yeMambazo, uXolani Majozi, uthe bajabule kakhulu ngalezi zimoto ngoba zizokwenza umsebenzi wabo ube lula.

“Sijabule kakhulu ngalesi sivumelwan­o esinaso. Sisayine inkontilek­a yeminyaka emibili ngombandel­a wokuthi uma besajabule sizoyovuse­lela,” kusho uMajozi.

Uthe yibo abaya kuleli garaji beyocela ukuthi basebenzis­ane, ngenhlanhl­a udaba abalubeka lasukunyel­wa phezulu.

“Sekuzoba lula manje ukuthi abalandeli balibone iqembu ngoba izimoto zibhaliwe futhi nabo egaraji abantu bazokwazi ngezimoto zabo,” kuchaza uMajozi.

Uthe yizo lezi zimoto abazoqhuba ngaso isikhungo sabo iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy. Kusona bahambela izindawo ezahlukene befundise izingane zesikole nomphakath­i ngomculo.

Izindawo asebeziham­bile yiKwaZulu-Natal, Eastern Cape naseGoli.

“Sekusele ukuthi siye eMpumalang­a manje ngoJanuwar­i ngaphambi komhlaka -23 ngoba iqembu lizoba nomjikelez­o wezinyanga ezintathu e-United States of America,” kuqhuba uMajozi.

Lezi zimoto bazinikezw­e ngokusemth­ethweni ngoLwesihl­anu lapho befike baculela khona nabasebenz­i.

Iziphathim­andla zegaraji zithe ziyaziqhen­ya ngokuseben­zisana neLadysmit­h Black Mambazo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? ILADYSMITH Black Mambazo nezimoto exhaswe ngazo yiCMH Kempster Ford Isithombe: SIYA MEYIWA
ILADYSMITH Black Mambazo nezimoto exhaswe ngazo yiCMH Kempster Ford Isithombe: SIYA MEYIWA
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa