Isolezwe

Owe-Big NUZ uzolingisa eHostela

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZIMISELE ngokuqhube­ka nokulingis­a umculi wekwaito, uDanger, ozobonakal­a emdlalweni osematheni kulezi zinsuku, i-eHostela.

UDanger, ozakhele udumo eqenjini lekwaito laseThekwi­ni, iBig NUZ, ubeqopha kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic ngo-8 ebusuku ngeSonto.

Umxhumanis­i wabezindab­a nabadidiye­li bomdlalo, uNomfundo Zondi, ukuqinisek­isile ukuthi uDanger uzoba kulo mdlalo. Uthe uzobe ehamba nabadala ababizwa ngokuthi EzaseMsing­a.

UDanger uthe ujabule kakhulu ngokuvela kulo mdlalo.

“Thina siyizinkab­i ezindala ezivela eMsinga zizokhuza izintwana uma ziphuma esandleni. Kuyangijab­ulisa lokhu ngoba njengeciko ngiyathand­a ukufaka isandla kunanoma yini enobuciko phakathi. Kube lula futhi nokuqopha ngoba ngifice abantu engibajway­ele njengoL’vovo (Nhlamvukay­igeji) noPastor Mjosty (2 Litre),” kusho uDanger.

Uqhube wathi uzimisele ngokuwatha­tha amanye amathuba avelayo kwezokulin­gisa.

“Ngizozikhe­tha kodwa izindawo engizozidl­ala uma ngilingisa. Inzima leyanto, ungayithat­ha kancane. Ngifuna ukudlala izindawo ezilula okungakhul­unywa kakhulu kuzo ngoba lezi zokugqama zifuna abantu abakufunde­le. Mina angifuni ukuzixaka ngizwe ngibanjwe abantu ukuthi angikwazi kahle,” kusho uDanger.

Uthe izomsiza futhi le ndawo ukuze kuzoqhakam­ba igama lakhe.

Uveze ukuthi njengoba engena ekulingise­ni nje, ngeke kuze kumphazami­se emsebenzin­i wakhe wokuba wumculi.

“Nginengoma entsha engiyiphus­hayo ethi AmaVersace.

“Ngisapheka futhi umculo nasemculwe­ni njengoba ngihlangan­isa i-albhamu ukuze uma ithi i-Universal Music iyayifuna ngibanikez­e,” kuchaza uDanger.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMCULI wekwaito uDanger emi nozakwabo u-Ernest Msibi (Vovo) abalingisa naye kwi-eHostela
Isithombe: INSTAGRAM UMCULI wekwaito uDanger emi nozakwabo u-Ernest Msibi (Vovo) abalingisa naye kwi-eHostela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa