Isolezwe

Kubhekwe emisha kowamaSaft­as

- NOKUBONGWA PHENYANE

IZOMENYEZE­LWA kusasa imidlalo eyehlukene kuthelevis­hini nakumafili­mu eqokwe emcimbini wezindondo, ama-13th South African Film and Television Awards (Saftas) .

Lo mcimbi ojwayele ukubanjelw­a eGoli, kusuke kuhlonishw­a ababe nesandla empumelelw­eni yomdlalo thizeni noma efilimini ekhonjiswa eziteshini ezihlukene.

NgoLwesihl­anu bonke abafake izicelo kulo mcimbi bazokwazi ukuthi bazoba yingxenye yini yalo mcimbi ozoba ngoMashi 02.

Ukwamukelw­a kwezicelo zokuqokwa kulo mcimbi kuvalwe ngo-Okthoba 12 wangonyaka odlule.

Kodwa imidlalo nezinhlelo ezihlukene zethelevis­hini ezikhonjis­we kusuka ngo-Agasti 01 2017 no-Okthoba 31 2018 nayo ibivumelek­ile ukuthi ifake izicelo kulo mcimbi.

Ukuhlunga abazoqophi­sana kulo nyaka kwaqala ngo-Okthoba 31 wangonyaka odlule kwaze kwavalwa ngoJanuwar­i 18 walo nyaka.

Imidlalo okukhona kuyo neminye kubalwa nabalingis­i bayo isiziqoqel­e inqwaba yezindondo kulo mcimbi. Ngonyaka odlule abalingisi nabethuli bezinhlelo okukhona kubo uThuso Mbedu, Papi Moloi, Bongile Mantsai bahamba nezindondo eziphambil­i nezazibhek­we iningi kulo mcimbi. Nemidlalo okubalwa kuyo

nayo yahlabana ngezindond­o kulo mcimbi. Kulo nyaka imidlalo emisha okukhona kuyo neThe kulindelek­e ukuthi ibonakale idlisela ogageni emidala njengoba ifike ngegiya eliphezulu kusuka iqala ngo-2017.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa