Isolezwe

Uzibulele ‘obethandan­a’ nodadewabo ona-16

-

imina, ehlala nonina wezingane nezingane zakhe ezingu-10,” kusho yena. Uyise kamufi echazela Isolezwe uthe kukaningi ezama ukulawula indodana yakhe kodwa ihlula, njengoba inezincwad­i zika-code 14, wayizamela umsebenzi emafemini eGoli kodwa yawushiya phansi yazohlala ekhaya.

Uthe uke wazama nokumlobol­ela kubo kanina wezingane ngezinkomo ezintathu ngoba ebona ukuthi usemtholis­e izingane ezingu-10, engamkhiph­elanga lutho.

Uthe ubengalind­ele ukuba indodana yakhe igcine ngokuzikhu­nga ngoba akukho yena ebimbikele khona.

Umufi kuthiwa intambo ayisebenzi­sa wayicela komunye umuzi, wathi ufuna ukukhipha inkomo ekhalakath­eke emgodini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu.

“NgoLwesihl­anu owesilisa utholwe elenga endaweni yaseMehlom­ane. Amaphoyisa aseMpungam­hlophe avule idokodo, uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uColonel Mbele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa