Isolezwe

Kulamule amaphoyisa ithathana eDUT

- SILINDILE NTOMBELA

KUSIZE amaphoyisa kucishe kusuka uthuli lwezichwe izolo phakathi kwenhlanga­no yezitshude­ni iSasco ne-EFF Student Command (EFFSC) eDurban University of Technology ngesikhath­i i-EFFSC iphazamisa isithangam­i seSasco nabezindab­a.

Usihlalo weSasco, uMqondisi Duma, bese kuphele cishe imizuzu eyishumi eqale ukukhuluma ngesikhath­i kuqhamuka isigejana se-EFFSC sangena phakathi kwezintath­eli sabuza ukuthi ukhulumela­ni ngesitshud­eni esishonile uMlungisi Madonsela obeyilungu le-EFFSC ngoba abamazi.

“Nikhulumel­ani ngoMlungis­i, uyamazi? Yekani le nto eniyenzayo,” kusho esinye sezitshude­ni ze-EFFSC sishaya amakhamera simphuca nephepha abefunda kulona.

Kube sekungenel­ela amaphoyisa ahlukanisa isixuku kwahlakaze­kwa kanjalo.

UDuma uqhubekile wakhuluma nezintathe­li ezitshela ukuthi abanalo udlame bayahlonip­ha.

Uthe sibi isehlakalo sokubulawa kwesitshud­eni ngoba silwela imfundo.

“Siyakhala ngendaba yokuqashwa kwenkampan­i yonogada ezimele ukuqapha izitshuden­i. Sifuna inyuvesi ilungise ibathathe bonke abangakabh­alisi ukuze babhalise,” kusho uDuma.

Umengameli womkhandlu owengamele izitshuden­i eDUT, uKhanyisan­i ‘Godlimpi’ Khambule, ugxeke inyuvesi emuva kokushona kukaMadons­ela oshonele esibhedlel­a esizimele eThekwini.

UKhambule uthe basemanzin­i ngenxa yokwenzeke izolo lapho omunye wonogada obeqashwe yinyuvesi edubule isitshuden­i sashona.

“Sifuna ukudlulisa umlayezo kubaphathi baseDUT, kuhulumeni nakwabomth­etho wokuthi kusiphethe kabi okusehlele. Akusiphath­i kahle ukuthi kudutshulw­e ilungu le-EFF lashona ngenxa yesiteleka,” kusho uKhambule.

Izitshuden­i ze-EFF zimashe emgwaqweni odlula kulesi sikhungo izolo kanti amaphoyisa abelokhu eqaphe isimo.

UKhambule uthe bavamile ukuteleka enyuvesi futhi kuvamise ukuthi badutshulw­e ngezinhlam­vu zenjoloba kodwa ngoLwesibi­li onogada badubule ngezinhlam­vu zangempela.

“Onogada balandela imiyalelo abayinikwa abaphathi benyuvesi ukuthi abadubule izitshuden­i,” kusho yena.

Emashini bekukhona namalungu emikhandlu ehlukene okubalwa iSadesmo ye-IFP neBLF.

Abengamele izitshuden­i enyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni i-Edgewood, Westville, Howard kanjalo naseMangos­uthu University of Technology bakuqinise­kisile ukuthi namabhasi ezitshuden­i awasebenzi.

Okhulumela i-EFFSC eMUT, uMvuyisi Mavuthulan­a, uthe inyuvesi izovalwa kuze kufezwe izidingo zezitshude­ni.

“Sizobhekan­a ngendlela eyiyo nalesi senzo saseDUT ngoba uma sikhombisa ukwesaba singaphind­a senzeke lesi sehlakalo futhi sizoqhubek­a nokuphatha bethanda bengathand­i,” kusho uMavuthula­na.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? BEKUVUKA usinga ezitshuden­ini zaseDUT izolo ngesikhath­i zibhikisha ngaphandle kwesikhung­o esivaliwe njengoba kufe isitshuden­i
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) BEKUVUKA usinga ezitshuden­ini zaseDUT izolo ngesikhath­i zibhikisha ngaphandle kwesikhung­o esivaliwe njengoba kufe isitshuden­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa