Isolezwe

Ixolisile iDUT kushona uMadonsela

- MHLENGI SHANGASE

UMPHATHI wenyuvesi iDurban University of Technology (DUT), uSolwazi Thandwa Mthembu, useveze ukuthi onogada ababili abahlonywe imibuzo ngamaphoyi­sa ngokufa kwesitshud­eni uMlungisi Madonsela waseNgwavu­ma, bagxile ekugadeni ubugebengu enyuvesi, hhayi imibhikish­o.

UMthembu uthe konogada abangu-250 baseDUT, bayisithup­ha kuphela abaphatha izibhamu.

Uthe laba abaziphath­ayo basuke begade ubugebengu bansuku zonke njengoba izitshuden­i zibanjwa inkunzi ziphucwe amaselula nezinye izinto. Sinyakazis­e izwe lesi sehlakalo sokubulawa kukaMadons­ela ngoLwesibi­li ntambama odutshulwe washonela esibhedlel­a esizimele.

Imibiko ithi akazange aluthole usizo ngoba engenayo i-medical aid.

“Sibuhlungu futhi siyaxolisa ngento eyenzeke enyuvesi kuze kuphume isidumbu. Besingazi ukuthi kuzoba nalo mshophi. Onogada babizwe kulandela ukushaywa ngamatshe kwesinye isakhiwo i-Open House. Siyakugxek­a ukusetshen­ziswa kwezinhlam­vu, sizophenya bese sithatha izinyathel­o ezifanele,” kusho uMthembu. Ukusho lokhu izolo esithangam­ini sabezindab­a eCoastland­s Hotel, eMhlanga.

Uthe bawutholil­e umqulu wezikhalo zezitshude­ni ngoMsombul­uko, wathi izitshuden­i bezikhala ngezinto eziningi okubalwa ukuthi kuxhaswe ngezimali abenza iziqu ze-B Tech, kuvunyelwe izitshuden­i zibhalise noma kuthiwa zisalinde izimpendul­o, kuvalwe ezinye izindawo izitshuden­i ezingeneme ngazo, kuqashwe ngaphakath­i onogada nabahlanza izakhiwo.

Esinye sezikhalo ukuthi kuyekwe ukuhlukuny­ezwa kwabalwela izitshuden­i.

“Sibe nomhlangan­o nomkhandlu wezitshude­ni ngoLwesibi­li emini ngaphambi kwalesi sehlakalo sokufa kwesitshud­eni. Zimbili izinto esingavume­lenanga nazo nezitshude­ni okungukuth­i asikwazi ukushintsh­a imigomo yeNSFAS ngokuxhasw­a kwezitshud­eni ezenza iB Tech. Asivumelan­anga ngokuthi kuyekiswe ezinye zezinkampa­ni ezihlalisa izitshuden­i.”

Umfowabo kaMadonsel­a, uSmanga uthe ucela ukuthi banikwe ithuba bewumndeni, wathi akukho abazokusho okwamanje.

Umngani kaMadonsel­a obenza unyaka wesithathu weBusiness Administra­tion, u-Ayanda Mbatha obesakhala nayizolo, utshele Isolezwe ukuthi ubengumunt­u omnene futhi olungile umufi.

Uthe bebecula ngesikhath­i kuqhamuka onogada, bathi abahlakaze­ke. Izitshuden­i zijikijele amatshe bezwa sekuqhuma isibhamu kathathu.

“Sibaleke sonke ngabona uMlu elele phansi, ngiye kuyena ngoba ngizitshel­a ukuthi uqulekile, ngabona igazi. Udutshulwe emhlane kanti ube esephuthun­yiswa esibhedlel­a ngathola ucingo ntambama kuthiwa ushonile.”

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala. IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede neKhabhine­thi yesifundaz­we, banxuse ukuthi izitshuden­i zehlise umoya. Emhlanganw­eni weKhabhine­thi, ibamba likaNdunan­kulu uMnuz Sihle Zikalala, lithe sinyakazis­e isifundazw­e lesi sehlakalo.

“Sinxusa abantu besifundaz­we ukuthi bathandaze­le umndeni, izitshuden­i nabaphathi bezikhungo. Sizokwakha ithimba longqongqo­she elizohlang­ana nezitshude­ni nabaphathi bamanyuves­i ukuthola isixazulul­o.”

Ngenxa yalesi sehlakalo, inhlangano emele imikhandlu yezitshude­ni emanyuvesi, iSouth African Union of Students, imemezele ukuthi izozivala zonke izikhungo namhlanje kuzwelonke.

UMthembu uthe izoqhubeka nokuvalwa iDUT, wathi bathumele ithimba kwaMadonse­la ukuze babone ukuthi bangasiza kuphi.

Ikomiti lemfundo ephakeme ePhalamend­e lizobiza izinkampan­i zonogada zizochaza.

NePrivate Security Industry Regulators Authority (Psira) iyasipheny­a lesi sehlakalo.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE African News Agency (ANA) ?? UMPHATHI waseDurban University of Techology, uSolwazi Thandwa Mthembu oxolisile ngokushona kwesitshud­eni, uMlungisi Madonsela, odutshulwe ngonogada washona kulesi sikhungo
Isithombe: GCINA NDWALANE African News Agency (ANA) UMPHATHI waseDurban University of Techology, uSolwazi Thandwa Mthembu oxolisile ngokushona kwesitshud­eni, uMlungisi Madonsela, odutshulwe ngonogada washona kulesi sikhungo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa